Imininingwane ngohlelo

Ukuphila Kushintshile: Izingxoxo NoNkulunkuluIsampula

Living Changed: Conversations With God

USUKU 1 KWEZINGU- 7

Kungani kumele ukhulume noNkulunkulu?



Uke wacabanga ngomkhuleko njengento oyifaka ezinhlelweni zakho zansuku zonke ukuze ube ngumKristu olungile? Noma ukubheke njengento ekucindezela kakhulu ukukhuluma izinto ezifanele ngezindlela ezifanele? Mhlawumbe ube nenkinga yokukholelwa emandleni awo ngoba uke waphoxeka izikhathi eziningi. Uma uke wezwa enye yalezi zinto, awuwedwa.



Kodwa akuyona indlela uNkulunkulu ayehlose ukuba sibheke ngayo umthandazo. Wawudala njengendlela yokuba Asazi futhi nathi simazi. Inhloso yomthandazo ayikona ukubukeka sengathi sinakho konke lapho sithi, "Ngizokuthandazela." Futhi akufanele isetshenziswe njengokuthengiselana kwebhizinisi noma uhlu lwezifiso ze-Amazon. Inhloso yomthandazo ukusondelana eduze noNkulunkulu.



Unkulunkulu ufuna simbone njengomngane ohlale ekulungele futhi ekujabulela ukulalela. Akasoze akutshele ukuthi ukhuluma kakhulu. Akasoze aphazamiseka noma adinwe ukuba angakunaka ngokugcwele. Futhi ngisho nalapho sekuyisikhathi eside phakathi kwezingxoxo, Uhlala ekulungele ukuqhubeka lapho ogcine khona ngaphandle kwemizwa enzima. 



Cabanga ngesikhathi usemncane futhi abazali bakho bebuza ukuthi belunjani usuku lwakho. Babengafuni nje ukuzwa ukuthi kuhle. Babefuna ukwazi ukuthi yini ekujabulisayo, yini ekukhathazayo, nokuthi ucabangani ngakho konke. Ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu ufuna ukukuzwa konke. 



uJesu wasifela ukuze sikwazi ukukhuluma noNkulunkulu njengomngan. Etestamenteni Elidala, abantu bakaNkulunkulu kwakufanele banikele ngemihlatshelo yokuzihlanza ukuze babe sebukhoneni Bakhe obungcwele, kodwa manje sesingakwazi ukukhuluma noNkulunkulu sodwa ngaphandle kobukhazikhazi nezimo. Kufanele sikhulume Naye ngenhlonipho nangesizotha, kodwa kulungile ukukhuluma ngokukhululeka, njengoba ubungenza nomngani omkhulu. Ngakho-ke, ngesikhathi esizayo kwenzeka okuthile okukwenza uzizwe udabukile, uthukuthele, ukhungathekile, ujabule, noma unomdlandla, ngaphambi kokuba ushayele umngani ucingo, yima kancane utshele uNkulunkulu kuqala.



Yenza Setha isikhathi imizuzu emihlanu futhi wabelane ngokuthile mayelana nosuku lwakho noNkulunkulu. Kungaba into enhle noma embi. Kungaba phakathi nosuku lwakho, lapho uhamba uya ekhaya, noma ngaphambi nje kokulala. Ungakucabanga, ukukhulume, noma ukubhale phansi. Vele wenze isikhathi sokwabelana Naye ngokuthile okungokoqobo.


Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

Living Changed: Conversations With God

Abaningi bethu bafuna ukuba nobuhlobo obuseduze noNkulunkulu, kodwa asazi ukuthi siqale kuphi. Lapho abanye abantu bephakamisa umthandazo, kuzwakala kuhlelekile kakhulu, kusabisa, noma kungasebenzi. Lolu hlelo luzosiza a...

More

Sithanda ukubonga i- Changed Women's Ministries ngokusinikeza loluhlelo. Ngemininingwane eminye, sicela uvakashele: https://www.changedokc.com

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo