Isimo Sokuzalwa KukaJesuIsampula

Cabanga ngesikhathi usengumntwana omncane. Ubucabanga ukuthi uyoba njani umangabe usufika kuleminyaka okuyo? Ucabanga ukuthi impilo yakho izoba njani eminyakeni emihlanu, eyishumi noma engamashumi amabili nanhlanu ezayo?
Ukucabanga ngekusasa kungaletha imizwa ehlukahlukene kwabanye ngabanye bethu. Ukucabanga ngekusasa kuyathusa uma ungenaso isqiniseko sokuthi yini ozoyenza elandelayo empilweni. Uma unesiqiniseko salokho ofisa ukukwenza, kungakujabulisa kakhulu ukusebenzela ekufezeni amaphupho akho. Kodwa kuba njani uma izinto zingenzeki njengokufisa kwakho?
Yison isimo Ujosefa azithola ekuso ngesikhathi ingelosi kaJehiva izibonakalisa kuye imtshela izindaba zokuthi ingoduso yakhe izozal indodana. Ngeke kwenzeke ukuthi uJosefa wake wacabanga ukuthi ukushada noMaria kungeza nokuthi akhulise indodana kaNkulunkulu njengeyakhe.
Uma lokhu kubukeka njengomthwalo omningi, yingoba vele kuwuwona umthwalo omningi! Kodwa uJosefa wayeyindoda elungileyo noma singaboni okuningi ngaye ezwini, siyabona ukuthi uzinikela ngokujabula okukhulu ukuhlala nengoduso yakhe uMariya futhi akhulise uJesu njengendodana yakhe.
Noma izimo ezazihaqe ukuzalwa kukaJesu zaziyisimangaliso kubazali Bakhe, zazingesona isimangaliso kuNkulunkulu. Ezimpilweni zethu, kuzobakhona izinto ezizophazamisa izinhlelo zethu. Izimo zizoshintsha ngezindlela esingazilindelanga futhi ngenkathi zizosimangaza, kufanele sikhumbule ukuthi uNkulunkulu akaze amangale ngezimo zethu.
Uhlele konke ngokwentando yaKhe ukuthi uhambe kukho. Ngendlela efanayo, Akazange akhethe uMariya noJosefa ngengozi ukuba babe ngabazali basemhlabeni bendodana Yakhe. Ukhethe ukukusebenzisa noma ngabe izinhlelo Zakhe kungesizo obuzilindele.
Umbuzo wokuzindla:
Sivame ukucabanga ngoJesu njengomntwana omncane bese eba nguthisha omkhulu, kepha ucabanga ukuthi kwakunjani ukuba ngumzali kaJesu? Ngabe ucabanga ukuthi ifike nenjabulo enkulu?
Iyiphi indlela eyodwa uNkulunkulu asebenzise izimangaliso zakhe empilweni yakho ngendlela engalindelekile?
Mayelana naloluHlelo

Enye yamasiko amaningi kaKhisimusi emindenini ukusetha isithombe esikhombisa ukuzalwa kukaJesu. Imvamisa, sibona uMariya, uJosefa, abelusi, izimvu kanye namadoda ahlakaniphileyo ezungeze usana oluncane emkhombeni. Kungumfanekiso omuhle ukusikhumbuza ngokuzalwa kukaJesu. Kepha ukujwayela kwethu indawo yokuzalwa kungasenza sikhohlwe ubuntu bomuntu ngamunye okhona ngalobo busuku obukhethekile.
More