Imininingwane ngohlelo

Iseluleko Sobudlelwane KwabesilisaIsampula

Relationship Advice For Men

USUKU 7 KWEZINGU- 8

Abangani



"Phakathi kwalezi ziqongo sasimi phezu kwezinkanyezi. Indlela ingathi futhi umhlaba wawuyi siliva ngaphansi kwesibani senkanyezi. Lomhlaba mncane kakhulu uma uqhathanisa namazulu, futhi sibancane kakhulu kunalokho. Kuncane ngokwanele ukuba kulahleke unomphela endaweni yonke uma bekungengenxa yabangani esihamba nabo." URoger Thompson,



Khumbula ikhefu kanye nenkundla yokudlala? Lapho ubangani babuzenzakalela nje? Ngihlangane nomngani wami omkhulu ebangeni lesibili lapho sidlala eminye imidlalo eyenziwe. Wawa waphula amazinyo akhe angaphambili, ngagijima, ngambamba ngesandla, ngahamba naye ehhovisi. Emashumini eminyaka ambalwa kamuva, ungumphathi wezimali owenza izinqumo zamadola ayisigidi njalo futhi akekho namunye kodwa mina uqobo owaziyo amazinyo akhe angaphambili angelona iqiniso.



uMbhalo wenza kucace ukuthi bubaluleke kangakanani ubungani UJesu usibiza nanga bangani bakhe. Sonke mhlawumbe sinezinkumbulo ezimnandi zabangani sisebancane. Kepha singabathola kanjani ukuba nabangani abadala?



Mhlawumbe amadoda osebenza nawo awanalo ithonya elingcono kakhulu. Mhlawumbe amadoda endlini enihlaka kuyo abanazo izinhloso zempilo ezifanayo nezakho - noma nezinhloso zakho zale mpelasonto. Ungapheli amandla okwamanje.



Ubungani abusheshi. Buthatha isikhathi, futhi bayalindwa. Nazi izindlela ezinhlanu eziqonde ngqo zokuqalisa ubungani njengomuntu omdala.




  • Hlela ukuba nesidlo sasekuseni noma ikofi nendoda ebonakala ihlelekile kwingxenye ethile yempilo lapho kungakenzeki kuwe.

  • hamba uyodoba, uhambe ngebhayisikile, udlale igalofu, njalonjalo nomunye noma nababili abathanda uNkulunkulu nemndeni yabo.

  • Nikeza iqembu labesilisa esontweni lakho noma ebandleni eliseduze kwakho ithuba. Uma ungalithandi, zama amanye ambalwa.

  • Uma ushadile, ukuhlanganyela nalabo bashadikazi umkakho alokhu ekhuluma ngabo, kungakulethela umngani - kujabulise nomkakho.

  • Ngokuzayo uma umakhelwane udinga okuthile, basize. Ngokuzayo lapho udinga okuthile, cela umakhelwane ngokufanayo.


Bukela ividiyo yanamuhla, bese utyakhuleka.




Khuleka: Jesu, ngiyabonga ngokungibiza ngomngani wakho. Ungangisiza ngithole owesilisa olungile (noma amadoda) ukuhlanganyela nabo?

Usuku 6Usuku 8

Mayelana naloluHlelo

Relationship Advice For Men

Kuthiwani uma singakalwa ngezinto esizifezile, kodwa sinikwa amandla ubudlelwane bethu? Ngezindaba eziqabulayo, umbhali uRoger Thompson wembula uhlobo lobudlelwane bamandla obusetshenziswa ekulolongeni indoda. Qala lolu ...

More

We would like to thank Life.Church for providing this plan. For more information, please visit: www.life.church

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo