Ukuzwa Izwi LikaNkulunkuluIsampula

Hearing The Voice Of God

USUKU 5 KWEZINGU- 11

Umbono Osekelwe eBhayibhelini

Funda amavesi anamuhla.

Ezikhathini eziningi siyazibuza ukuthi umbono ofike kithi uwumyalo ovela kuNkulunkulu, inkohliso kaSathane, noma into nje esifuna ukuyenza. Kubaluleke kakhulu ukwazi umehluko kanye nendlela yokuhlukanisa izwi likaNkulunkulu, ngoba lingaba nemiphumela yaphakade.

Ububi obuningi busolwa kuNkulunkulu lapho abantu bethi, “UNkulunkulu ungitshele ukuba ngikwenze!” IBhayibheli ku-1 Johane 4:1 lithi: “Ningakholwa yizo zonke izindaba enizizwayo ngoba nje othile ethi zivela kuNkulunkulu. Yihlole kuqala ukuze ubone ukuthi yiyo ngempela yini” (LB).

Ingabe umbono onawo manje engqondweni yakho uyavumelana neBhayibheli? Ngoba intando kaNkulunkulu ayilokothi iphikisane neZwi likaNkulunkulu. UNkulunkulu akasho into eyodwa bese eshintsha umqondo wakhe asho enye into. Uma ekusho, kuyiqiniso, futhi kuyohlale kuyiqiniso.

UNkulunkulu akaguquguquki. Akancikiseli. Akawushintshi umqondo. Akasoze akutshele ukuba wephule isimiso asinikeze kakade eZwini lakhe, iBhayibheli.

Ngakho umbuzo wokuqala okufanele uwubuze uthi, “Ingabe lo mqondo uyahambisana nalokho uNkulunkulu asekushilo ekuqaleni?” Uma lokho onakho engqondweni yakho kuphikisana nento uNkulunkulu aseyishilo eBhayibhelini, khona-ke uyazi ukuthi akulungile.

UJesu wathi NgokukaLuka 21:33: “Izulu nomhlaba kuyodlula, kodwa amazwi ami awasoze adlula” (NIV). IZwi likaNkulunkulu lingunaphakade, ngoba iqiniso aliguquki. Uma into ethile yayiyiqiniso eminyakeni eyizi-5 000 edlule, yayiyiqiniso eminyakeni eyinkulungwane edlule, iyiqiniso namuhla, futhi izoba yiqiniso eminyakeni eyizi-5 000 kusukela namuhla.

Abantu bangase bathi: “UNkulunkulu ukushilo; Ngiyakukholwa; kuyakuxazulula lokho.” Cha! UNkulunkulu ukushilo, futhi lokho kuyakuxazulula-noma ngabe uyakukholwa noma cha!

Uma uNkulunkulu ekutshela ukuthi wenze okuthile, khona-ke akasoze akuphikisa. Umbuzo wokuqala okufanele uwuphendule uthi: “Ingabe lo mbono uyavumelana neZwi likaNkulunkulu?”

Mayelana naloluHlelo

Hearing The Voice Of God

Uyafuna ukuzwa kuNkulunkulu? Kulolu chungechunge, uMfundisi uRick ukusiza ukuthi uqonde imigoqo ekuvimbela ukuthi uzwe uNkulunkulu kanye nezinguquko okudingeka uzenze empilweni yakho ukuze wazi futhi wenze intando yakhe.

More

Lomthandaza © 2014 nguRick Warren. Wonke Amalungelo Agodliwe. Isetshenziswe ngemvume.