Hamba Yenza Shono Phana: Inkululeko yokuzinikela kuJesuIsampula

Zicabange usohambeni lwakho lwempilo olude, kepha uwedwa. Akekho ongakhuluma naye, akekho ongakusiza, futhi akekho ongaluthakasela nawe. Lokho kungaba uhamba oludabukisayo nolunzima. Ngebhadi Abazalwane abaningi baphila ngalendlela, ngokungathokozeli amandla nokunethezeka okuthenjiswa ngoMoya ONgcwele. Ngezinhloso eziningi eziphathekayo, abaningi bahamba loluhambo sengathi uJesu ubengenabo.
Ngalesosizathu, sizama ukuhamba uhambo ngamandla amaningi esizizamela wona. Izindlela zemigomo esizibekele yona nokuzama kakhulu ukuba sibe njengoJesu kugcina ekudumazekeni. Impilo enikelwe kuNkulunkulu ngalendlela igcina isizwakala njengempilo edangele futhi ekhathazayo futhi enokwehlulekaMayelana naloluHlelo

Ukuzinikela kuJesu kuyisikhathi esiyishintshayo impilo. Kodwa ngabe lesi sinqumo sichaza ukuthini futhi siphila kanjani naso usuku nosuku? Ngabe simayelana nezinqumo ezinkulu zempilo kuphela, noma esomuntu okholwe kakhulu? Ukwesaba, ukwahluleka kwethu okwedlule, nokungaqondisisi kungasivimbela. "Hamba Yenza Yisho Nikela" yisicelo/umthandazo esichaza kabanzi izinyathelo ezilandelayo ohambweni lwakho lokholo. Zizwele inkululeko efika nokulandela uJesu.
More