Imininingwane ngohlelo

Ukungena Ekuphumuleni KukaNkulunkulu Okuthenjisiwe - Uchungechunge lokuthi uJesu Mkhulu #2Isampula

Entering God's Promised Rest - Jesus Is Greater Series #2

USUKU 8 KWEZINGU- 8

Isikhathi Sokukhula  


Imicabango Ngezwi



Izinto ezimbili. Okokuqala, kunezinto okudingeka uzazi, kodwa ngokujwayelekile asikwazi ukuzifunda ngenxa yokuthi sisengabantwana abangokomoya—abadinga ukudla kwabantwana. Kufanele sikhule masinyane ukuze sifunde izinto ezingasisiza ukuthi sime siqine. 



Okwesibili, izisekelo zempilo yethu yomoya zibalulekile ukuze sikwazi ukukhula. Ngakho lungisa izisekelo. Zifunde kahle. Zenze. Yazi ukuzifundisa. Bese wakhela ukuphila kwakho ngokuqinile phezu kwazo.



Uma sikhetha ukungawanaki lawa maqiniso ayisisekelo, futhi sizama ukwakha impilo yethu ngaphandle kwawo, sivula umnyango wokwehluleka okukhulu ezimpilweni zethu. Isisekelo esibi sibhidliza izakhiwo. Isisekelo esingokomoya esimpofu singaletha ukubhujiswa ezimpilweni zethu zomoya lapho sibhekene namandla kamoya ahlelelwe ukulwa nathi. Masizinike isikhathi sakhe lesi sisekelo ngendlela efanele.



Isikhathi Sokuthandaza



Baba, ngikhohlwe kuphi isisekelo sami? Ngehluleke kuphi ukufunda okuyisisekelo? Kuzongivimba ekutheni ngibe namandla okubhekana nezinselelo okumele ngibhekane nazo. Baba, kuthi ngidinga njalo ukwenza lezi zimiso eziyisisekelo. Ngakho-ke ngisize namuhla ukuba ngisebenzise ukuphenduka nokholo kuNkulunkulu namuhla. 



Baba lapho ngehluleke khona, ngibonise futhi ngizophenduka. Ngeke ngivumele ukuhamba kwami ​​ngokomoya kume ngoba ngeke ngibhekane nokwehluleka ngokomoya empilweni yami. Ngisize namuhla ukuzijwayeza lokhu nsuku zonke - noma ngabe kubiza kanjnai. Ngegama likaJesu, Ameni. 


Usuku 7

Mayelana naloluHlelo

Entering God's Promised Rest - Jesus Is Greater Series #2

Kuyini ukuphumula? Kusho ukuthini ukungena ekuphumuleni kukaNkulunkulu? Yini ngempela esiphumula kuyo? Njengoba sidabula eNgxenyeni Yesibili Yezinhlelo Zokuthandaza ezisihambisa encwadini yamaHeberu, sithola ukuthi uNkul...

More

Sithanda ukubonga i-Al Ain Evangelical Church ngokusihlinzeka ngalolu hlelo. Ukuthola eminye imininingwane, sicela uvakashele ku: https://aaec.ae/jesus-is-greater

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo