Imininingwane ngohlelo

Ukwazi Izwi LikaNkulunkulu // Funda Ukuhlangana NayeIsampula

Recognizing God's Voice // Learn to Encounter Him

USUKU 3 KWEZINGU- 4

Ukucabanga Nokujula


UMoya oNgcwele okithi, yilokhu esakuzwa ngani:


Kungase kungahambi kancane, ngendlela engiza ngayo kuwe. Kungase kungabi mnene—futhi kungabi ngendlela oyilindele. Ngokuba kuningi kakhulu okwami engifuna ukukukhombisa kona, uyabona. Kukhona indawo, ejule kakhulu, lapho engifuna ukukuyisa khona. Kunezinto engifuna ukukwembulela zona—futhi akuwona amehlo akho azokwazi ukubona lokho engifuna ukubone. Ngoba nansi indlela engisebenzisa ngayo umcabango wakho, uma uzongivumela. 



Okokuqala, khumbula ukuthi angikudalanga ekukhanyeni. Ngakho cabanga ngobumnyama. Bese ucabanga ukukhanya . . . Wawukhona ngingakakubumbi ngokwenyama. Futhi engifuna ukukubonisa kona kukhona, ngisho namanje—futhi njalo—yize isimo sakhona singekho emhlabeni wenyama. Okwenyama, uyabona, kwenziwa kubonakale kuwe ngoesipiliyoni onaso engqondweni yakho, enhliziyweni yakho. Ungabona futhi uhogele futhi uzwe futhi ube nesipiliyoni, emqondweni wakho, lokho engikunike khona ukuze ube nakho nami. Futhi okubonayo, ohlangabezana nakho kimi, kuzokwembulela kakhulu ukuthi ngingubani.



Yebo, ungafunda ngami. Yebo, uyalizwa izwi lami enhliziyweni yakho. Yebo, ungathandaza futhi ulandele futhi uphendule ekuhlakanipheni engikunika kona, kodwa ingabe ufuna okunye? Uyafuna ukubona lokho ongakakucabangi? Ingabe ufuna ngizithele emqondweni wakho ukuze uzwe lokho ongakaze ukucabange ngaphambili? Ingabe ufuna ngikusize uma ucabanga?



Vala amehlo, sithandwa. Ake ngithule wena. Nazo-ke . . . jula manje. Ake ngikujulise. Nasi manje isandla sami. Uyasizwa? Ngiyakusiza uzizwele. Bheka manje, hhayi ngamehlo akho. Bona ngenhliziyo yakho. Bona ngengqondo yakho. Okunengqondo akusadingeki kube nomqondo. Ngiyindawoentsha. Ake ngivule, ngivule kakhulu, lokho okukholelwayo ngami, okuqondayo ngami ukuthi ngingubani. 



Uyakholwa ukuthi ngimuhle? Ake ngikubonise ukuthi kanjani. Uyakholwa ukuthi nginamandla? Ake ngikubonise kancane engingakwenza. Uyakholwa ukuthi nginawe, ukuthi ngiletha ukuphulukiswa, ukuthi ngibambe izinkanyezi nenyanga kanye nemikhathi eminingi kunaleyo ongayibala-ukuthi ngikubambe ngezandla zami na? Ngifuna ukukuthatha uyozihambela ngaleso sikhathi, mina nawe kuphela. Kodwa kuzomele ungethembe—futhi ubeke noma yikuphi ukungabaza nokunqikiza phansi okwesikhashana. Gcina amehlo akho evaliwe . .  Noma cha . . . Ngingasebenza nawe uvule amehlo futhi. . .  Asihambe.



Ukulungiselela:


Wena, mngani wami, uyamenywa ukuthi ungene ohambweni, khona manje.



Ubuzwe imibuzo ethile: 



Ingabe uyafuna ukuthi uMoya oNgcwele azithulule emqondweni wakho ukuze uthole lokho obungakaze ukucabange ngaphambili? Uyafuna ukuthi akusize ucabange lokho amehlo akho angakakuboni namanje?



Ukuze wenze lokhu, kufanele uzimisele ukuvula ingqondo nenhliziyo yakho. Kufanele uzimisele ukuvuleleka ekuboneni nasekuzweni futhi uzwe lokho ongakaze ukubone ngaphambilini . . . Ingabe uzimisele ukuvumela uMoya oNgcwele avule ingqondo yakho ukuze uthole okwengeziwe. . . uthando olwengeziwe, ukumangala okwengeziwe, ubuhle obengeziwe, injabulo eyengeziwe, ukuthula okwengeziwe, okwengeziwe kakhulu?



Unokuningi akwenzela ngamunye wethu. . . ukuzwa okwengeziwe, ukuzezwela, ukwazi, ukuthanda. . . Futhi sithola ukunambitheka kwakho, amazwibela akhe . . . odumo lwakhe, ubuhle bakhe, uthando lwakhe kulempilo. Kodwa ulwazi lwethu lulinganiselwe. Ukuhlakanipha kwethu kulinganiselwe. Nokho uNkulunkulu wethu, emandleni akhe, othandweni lwakhe nasekusunguleni kwakhe, akalinganiselwe. Futhi nangu Yena, esibuza ukuthi, njengamanje, sizimisele yini ukudela ukucabanga kwethu kuye. . . uma thina, njengamanje, sifisa ukuzwa okwengeziwe ngokuthi ungubani ezimpilweni zethu, kusukela namuhla, ngalo mzuzu!



Moya oNgcwele, yiba amehlo ethu manje. Yiba izindlebe zethu. Yiba izinzwa zethu zokuhogela, zokunambitha, zokuthinta. Sifuna okwengeziwe ngawe. Sifuna uguqule noma yiziphi izinkolelo ezingamanga esinazo ngawe, uguqule noma yimiphi imibono eyiphutha mayelana nokuthi ungubani nokuthi yini okwaziyo ukuyenza. Futhi sifuna ukuthi uvule kabanzi izinhliziyo zethu nezingqondo kanye nemicabango yethu ukuze sikubone, sikuzwe, sikuzwe ngamehlo enhliziyo yethu angakwazi ukwenza okuningi, okukhulu kakhulu, ngawe, kunokubona nje.



Baba, silethe ekujuleni kokumangala nobukhosi nobuhle. Masizizwele uthando lwakho olukhulu. Kulezi zikhathi silinde, ngokulindela nangokwesasasa, kuwe.

Usuku 2Usuku 4

Mayelana naloluHlelo

Recognizing God's Voice // Learn to Encounter Him

Izwi likaNkulunkulu lingavela njengokuhlebeza okuthambile noma isiphepho esinamandla. Isihluthulelo siwukukubona, noma ngabe kuza kanjani—futhi sithembe ukuthi Muhle, ukuthi mkhulu kunanoma yimiphi imizabalazo yethu. Qal...

More

Sithanda ukubonga i-Gateway Ministries (Loop/Wire) ngokusinikeza loluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: https://rushpodcast.com

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo