Ukuhamba NoJesu - Izinsuku Ezingu-40 zeLente ZokufundaIsampula

Journeying With Jesus - 40 Days Lent Devotional

USUKU 10 KWEZINGU- 40

Izikhathi ezintathu. Umthandazo ofanayo. Ujesu wayazi ukuthi isikhathi ngasinye uYise wayemuzwa. Babenobuhlobo obuseduze obungaqondwa ngokobuntu. Uyise neNdodana babeyingxenye kaZiqu-zintathu, uNkulunkulu oyedwa noyedwa. Pho, kungani uJesu aya kuBaba izikhathi ezintathu ukuze asho into efanayo?

Mhlawumbe bekuwukusikhombisa ukuthi kudinga sphikelele emthandazweni size sithole ukuphumula angasinika yena kuphela. Ujesu wenza. Wathulula ngomthandazo lokho okwakucindezela enhliziyweni yakhe. Futhi lapho eseyitholile indawo yakhe yokuzinikela ngenjabulo, wasukuma futhi walandela ngokulalela okuphelele. 

NjengoJesu, nathi sinelungelo lokuthulula izinhliziyo zethu ngomthandazo ophikelelayo. Akukhona ukusonta ingalo kaNkulunkulu ukuze sithole esikufunayo. Kumayelana nokufunda ukuzinikela kuye ngokuphelele. Futhi njengoJesu, siyasukuma emadolweni ethu sazi ukuthi uNkulunkulu usizwile nokuthi kungokwethu ukunqoba.

Letha Ekhaya

Yini ecindezela inhliziyo yami namuhla? Ingabe ngiyakuyisa kuNkulunkulu ngomthandazo? Ingabe ngizwa ukuphumula kwakhe? Ngiqhubekela phambili ngokulalela?

Thembela Ngaphakathi

Baba Nkulunkulu, Siyabonga ngelungelo elimangalisayo lokukhala kuwe ngomkhuleko. Siyabonga ngesibonelo sikaJesu sokuza kuwe ngokuphikelela. Ngisize ngiphikelele emthandazweni ngize ngithole ukuthula kanye nalokho kuqiniswa kwangaphakathi emnyombweni wobuntu bami. Ameni

Mayelana naloluHlelo

Journeying With Jesus - 40 Days Lent Devotional

‘Ukuhamba NoJesu’ kuwuhlelo lweBhayibheli lokusisiza sihambe noJesu ezahlukweni ezimbili zokugcina zikaMathewu. Siyama ukuze sigxile ezinsukwini zikaJesu zokugcina emhlabeni nokuthi lokho kusho ukuthini kithi. Lokho kungishintsha kanjani kulokho engiyikho nokuthi ngingokabani namuhla?  Sizozinika isikhathi sokugxila emiBhalweni futhi ‘siyilethe ekhaya’ ngemibuzo ezosenza sicabange ukuthi sikuphi ohambweni lokwazi uJesu.  

More

Sithanda ukubonga Susan Narjala ngokusinikeza loluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: http://www.susannarjala.com