Uhlelo Lokufunda Ngendaba kaJesuIsampula

Case For Christ Reading Plan

USUKU 5 KWEZINGU- 7

Ingabe Abantu Bafakazela Iqiniso Lokuthi Ujesu UnguNkulunkulu?

Nakuba abanye abagxeki baye babiza uJesu ngokuthi nje umprofethi noma indoda elungile, abantu abaningi babengofakazi bobuNkulunkulu bakhe. Encwadini yezEnzo 5:31 uPetru wamemezela ukuthi uJesu “uyiNkosi noMsindisi” nokuthi uhlezi ngakwesokunene sikaNkulunkulu futhi uyakwazi ukuthethelela izono zabo kanye nabantu ababembethele esiphambanweni. Upetru wayekholelwa ngokucacile ukuthi uJesu unguNkulunkulu. NgokukaMathewu 16:15-16 uJesu wabuza uPetru ngayo kanye lendaba: “Nina-ke nithi ngingubani na? uPetru waphendula wathi: “Wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.” Futhi umfundi uTomase, ebhekana ubuso nobuso noJesu ovusiwe, wavuma, “Nkosi yami, Nkulunkulu wami!” (NgokukaJohane 20:28)

Ngisho nabeZizwe bamemezela ubuNkulunkulu bukaJesu. Lapho uJesu efa, isibhakabhaka saba mnyama futhi umhlaba wazamazama. Bebona konke lokhu kwenzeka, induna yekhulu yamaRoma namasosha ayembethele esiphambanweni amemeza, “Ngempela yena ubeyiNdodana kaNkulunkulu!” (NgokukaMathewu 27:54)

KuMarku 2:1-12 (bheka futhi uMathewu 9:1-8; Luka 5:17-26), uJesu akazange nje athethelele izono zomuntu ofe uhlangothi kodwa futhi wabonisa igunya lakhe lokuthethelela ngokuphulukisa indoda eyayikhubazekile. Ujesu wayikhonza obala le ndoda phambi kofakazi abaningi naphambi kwabaFarisi ababenenzondo. Nakuba abaFarisi bakwenqaba ukusho kukaJesu naphezu kobufakazi, labo abavulwa amehlo abo omoya bakholelwa ukuthi kwakungekho ndawo yokungabaza: Ujesu wayeyiNdodana kaNkulunkulu (futhi uyiNdodana kaNkulunkulu).

Mayelana naloluHlelo

Case For Christ Reading Plan

Wake wezwa amaqiniso emiBhalo kodwa wazibuza ukuthi ungawatholaphi lawo maqiniso emiBhalweni? Noma ngabe wake wazibuza ukuthi ungabutholaphi ubufakazi bokukholelwa kuNkulunkulu eBhayibhelini? Awuwedwa. Lolu hlelo lwezinsuku eziyisi-7 luhlola izindaba zikaJesu, ubunkulunkulu bakhe, futhi lunikeza imicabango ebonisa ukuthi unguMesiya ngo-Lee Strobel, owayengakholelwa ebukhoneni bukaNkulunkulu. Imicabango yokuzinikela ithathwe ezehlakalweni zika-Lee futhi zifaka isitayela sobuntatheli kusukela ezinsukwini zakhe njengentatheli ephenyayo neChicago Tribune. Lolu hlelo luphelele kulabo abacwaninga ngokucophelela iqiniso ukuze banqume ukuthi uJesu wayengubani yena.

More

We would like to thank Lee Strobel and Zondervan for providing this plan. For more information, please visit: http://bibl.es/YV9780310938941rp