KuThithu 2:1-5
KuThithu 2:1-5 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kepha wena khuluma izinto ezifanele isifundiso esiphilileyo; ukuze amadoda amadala abe ahluzekile, ahloniphekile, aqondileyo, aphilile ekukholweni, othandweni, nasekubekezeleni. ngokunjalo nabesifazane asebekhulile baziphathe ngendlela efanele ubungcwele, bangabi ngabahlebi, bangabi yizigqila zewayini eliningi, babe abafundisi bokuhle; ukuze bafundise abesifazane abasha ukuba nezithiyo, bathande abayeni babo, bathande abantwana babo, babe ngabaqondayo, abamhlophe, abagcina imizi, abalungile, abathobela amadoda abo, ukuze izwi likaNkulunkulu lingahlanjalazwa.
KuThithu 2:1-5 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kepha wena khuluma ngalokho okufanele imfundiso elungileyo, ethi: amadoda amadala mawabe ngazithibayo, ahloniphekile, anengqondo, aphilile ekukholweni, othandweni nasekubekezeleni. Kanjalo nabesifazane abadala mabaziphathe ngokufanele ubungcwele, bangabi yizinhlebi, nezigqila zewayini, kodwa babe ngabafundisi bokuhle, ukuze bagqugquzele abesifazane abasebasha ukuba bathande abayeni babo, nabantwana babo, babe ngabanengqondo, abamsulwa, abaphatha kahle amakhaya abo, abalungile, abathobela abayeni babo, ukuze lingahlanjalazwa izwi likaNkulunkulu.
KuThithu 2:1-5 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kepha wena khuluma lokhu okufanele isifundiso esiphilileyo sokuthi: Amadoda amadala mawabe ngazithibayo, azothileyo, aqondileyo, aphilile ekukholweni, nasothandweni, nasekubekezeleni; kanjalo nabesifazane abadala baziphathe ngokufanele abangcwele, bangabi ngabahlebi, bangabi yizigqila zewayini eliningi, babe ngabafundisi bokuhle, ukuze bafundise abesifazane abasha ukuthanda amadoda abo, bathande nabantwana babo; babe ngabaqondileyo, abamhlophe, abaphatha kahle amakhaya, abamnene, abathobela amadoda abo ukuba izwi likaNkulunkulu lingahlanjalazwa.
KuThithu 2:1-5 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kepha wena khuluma izinto ezifanele isifundiso esiphilileyo; ukuze amadoda amadala abe ahluzekile, ahloniphekile, aqondileyo, aphilile ekukholweni, othandweni, nasekubekezeleni. Ngokunjalo nabesifazane asebekhulile baziphathe ngendlela efanele ubungcwele, bangabi ngabahlebi, bangabi yizigqila zewayini eliningi, babe abafundisi bokuhle; ukuze bafundise abesifazane abasha ukuba nezithiyo, bathande abayeni babo, bathande abantwana babo, babe ngabaqondayo, abamhlophe, abagcina imizi, abalungile, abathobela amadoda abo, ukuze izwi likaNkulunkulu lingahlanjalazwa.