KuThithu 2

2
UThithu ufanele ukukhombisa abezimo zonke ukuba bazamele ukuhamba okungcwele
1 Kepha wena khuluma lokhu okufanele isifundiso esiphilileyo 2 sokuthi: Amadoda amadala mawabe ngazithibayo, azothileyo, aqondileyo, aphilile ekukholweni, nasothandweni, nasekubekezeleni; 3 kanjalo nabesifazane abadala baziphathe ngokufanele abangcwele, bangabi ngabahlebi, bangabi yizigqila zewayini eliningi, babe ngabafundisi bokuhle, 4ukuze bafundise abesifazane abasha ukuthanda amadoda abo, bathande nabantwana babo; 5 babe ngabaqondileyo, abamhlophe, abaphatha kahle amakhaya, abamnene, abathobela amadoda abo ukuba izwi likaNkulunkulu lingahlanjalazwa.
6Ngokunjalo ubayale abesilisa abasha ukuba babe ngabaqondileyo, 7 uzibonakalise kukho konke ube yisibonelo semisebenzi emihle, nasekufundiseni kwakho ubonakalise ukungonakali, ube nesizotha, 8 ukhulume okuqondileyo okungasolekiyo, ukuze omelana nathi abe namahloni, engenalutho olubi angalukhuluma ngathi.
9 Yala izinceku ukuba zithobele amakhosi azo, zikholeke ezintweni zonke, zingaphiki nkani, 10zingantshontshi, zibonakalise konke ukwethemba okuhle, ukuze zihlobise isifundiso sikaNkulunkulu uMsindisi wethu ezintweni zonke.
11 Ngokuba umusa kaNkulunkulu wokusindisa ubonakalisiwe kubantu bonke; 12 uyasifundisa ukuba sidele ukungakholwa nezinkanuko zezwe, sihambe ngokuqonda, nangokulunga, nangokumesaba uNkulunkulu kulesi sikhathi samanje, 13 sibheke ithemba elibusisiweyo nokuvela kwenkazimulo kaNkulunkulu omkhulu noMsindisi wethu uJesu Kristu 14 owazinikela ngenxa yethu, ukuze asihlenge ebubini bonke, asihlambulule isizwe esingesakhe, sishisekele imisebenzi emihle.
15 Khuluma lokho, uyale, ukhuze ngamandla onke. Ungadelelwa muntu.

Okuqokiwe okwamanje:

KuThithu 2: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo