KwabaseRoma 3:10-26
KwabaseRoma 3:10-26 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
njengokulotshiweyo ukuthi: Kakho olungileyo, hatshi loyedwa; akakho oqondayo, akakho ofuna uNkulunkulu. Baphambukile bonke, basebeyize kanyekanye; akakho owenza okuhle, akakho noyedwa. Umphimbo wabo uyithuna elivulekileyo; ngolimi lwabo basebenzisa inkohliso; ubuthi bezinyoka buphansi kwezindebe zabo; abamlomo wabo ugcwele ukuqalekisa nokubaba; Izinyawo zabo ziyashesha ukuchitha igazi; Ukubhujiswa nosizi kusezindleleni zabo; Nendlela yokuthula abayazanga; Ukwesaba uNkulunkulu akukho phambi kwamehlo abo. Khathesi siyazi ukuthi konke okutshoyo umlayoukutsho kwabangaphansi komlayo, ukuze yonke imilomo ivinjwe, lokuthi umhlaba wonke ube lecala phambi kukaNkulunkulu. Ngakho-ke ngemisebenzi yomthetho akukho nyama eyakulungisiswa phambi kwakhe, ngokuba ngomthetho kukhona ukwazi isono. Kodwa khathesi-ke sekubonakalisiwe ukulunga kukaNkulunkulu ngaphandle komlayo, kufakazelwa ngumlayo labaprofethi; Ngisho ukulunga kukaNkulunkulu okungokukholwa kuJesu Kristu kubo bonke naphezu kwabo bonke abakholwayo, ngokuba akukho mehluko; Ngokuba bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu; belungisiswa ngesihle ngomusa wakhe ngokuhlengwa okukuKristu Jesu; ammisileyo uNkulunkulu, abe yinhlawulo ngokukholwa egazini lakhe, ukuze kubonakaliswe ukulunga kwakhe ngenxa yokuthethelelwa kwezono ezenziwe ngaphambili, ngokubekezela kukaNkulunkulu; ukuze kubonakaliswe ukulunga kwakhe kulesi sikhathi, ukuze abe ngolungileyo, amlungisise okholwa nguJesu.
KwabaseRoma 3:10-26 IsiZulu 2020 (ZUL20)
njengokuba kulotshiwe ukuthi: “Akekho olungileyo, akekho noyedwa; akekho onokuqonda, akekho ofuna uNkulunkulu; bonke baphambukile, baphenduka into engenamsebenzi walutho; akekho namunye owenza okuhle, akukho noyedwa vo. Umphimbo wabo uyithuna elivulekileyo, bayakhohlisa ngezilimi zabo, isihlungu sezinyoka siphansi kwezindebe zabo; umlomo wabo ugcwele iziqalekiso nobuthi; izinyawo zabo ziyashesha ukuyochitha igazi, incithakalo nosizi kusezindleleni zabo, abayazi indlela yokuthula. Akukho ukwesaba uNkulunkulu phambi kwamehlo abo.” Kepha siyazi ukuthi lokho okushiwo ngumthetho ukukhuluma kulabo abaphansi komthetho ukuze yonke imilomo ithuliswe, umhlaba wonke ubhekane necala kuNkulunkulu. Ngokuba akukho muntu oyakulungisiswa ngemisebenzi yomthetho phambi kwakhe; ngenxa yomthetho, kwaba khona ukwazi isono. Kepha manje ukulunga kukaNkulunkulu kubonakalisiwe ngaphandle komthetho, kufakazelwa ngumthetho nabaphrofethi, ukulunga kukaNkulunkulu okuvela ngokukholwa nguJesu Khristu kubo bonke abakholwayo, ngokuba akukho mehluko. Ngokuba bonke bonile, basilalelwe yinkazimulo kaNkulunkulu. Balungisiswe ngesihle, ngomusa wakhe ngokuhlengwa okukuKhristu uJesu, ammisileyo uNkulunkulu ukuba abe yinhlawulo ngokukholwa egazini lakhe, ukuze kubonakaliswe ukulunga kukaNkulunkulu, ngokuyekelwa kwezono ezazenziwe phambilini, ngenxa yokubekezela kukaNkulunkulu, ukuba kubonakaliswe ukulunga kwakhe esikhathini samanje, ukuze Yena abe ngolungileyo, abe ngumlungisisi walowo okholwa nguJesu.
KwabaseRoma 3:10-26 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
njengokuba kulotshiwe ukuthi: “Akakho olungileyo, akakho noyedwa; akakho oqondayo, akakho ofuna uNkulunkulu; bonke baphambukile, baphenduke imbuqa bonkana; akakho owenza okuhle, akakho noyedwa. Umphimbo wabo uyiliba elivulekileyo, ngezilimi zabo bayakhohlisa, isihlungu sezinyoka siphansi kwezindebe zabo; umlomo wabo ugcwele ukuthuka nokubaba; izinyawo zabo zishesha ukuchitha igazi, incithakalo nosizi kusezindleleni zabo, indlela yokuthula abayazi. Ukwesaba uNkulunkulu akukho phambi kwamehlo abo.” Kepha siyazi ukuthi lokhu okushoyo umthetho ukukhuluma kubo abasemthethweni ukuba yonke imilomo ivinjwe, izwe lonke libe necala kuNkulunkulu, ngokuba ngemisebenzi yomthetho akukho nyama eyakulungisiswa phambi kwakhe; ngokuba ngomthetho kukhona ukwazi isono. Kepha manje kubonakalisiwe ukulunga okuvela kuNkulunkulu ngaphandle komthetho, kufakazelwa ngumthetho nabaprofethi, ngisho ukulunga kukaNkulunkulu ngokukholwa nguJesu Kristu kubo bonke abakholwayo; ngokuba akukho mahluko; ngokuba bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu; balungisisiwe ngesihle ngomusa wakhe ngokuhlengwa okukuKristu Jesu, ammisileyo uNkulunkulu abe yinhlawulo ngokukholwa egazini lakhe, kubonakaliswe ukulunga kwakhe ngokuyekelwa kwezono ezenziwe ngaphambili ekubekezeleni kukaNkulunkulu, ukuba kubonakaliswe ukulunga kwakhe esikhathini samanje, ukuze yena abe ngolungileyo, abe ngumlungisisi walowo okholwa nguJesu.
KwabaseRoma 3:10-26 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)