KwabaseRoma 16:1-27 - Compare All Versions

KwabaseRoma 16:1-27 ZULUNT (Baasraak Zulu New Testament Bible)

Ngiyamtusa kini uFebe udadewethu oyisikhonzi sebandla eliseKenikreya; ukuze nimamukele eNkosini njengokufanele abangcwele, nimsize kukho konke aniswele ngakho; Khonzani koPrisila no-Akwila, izisebenzi zami kuKristu Jesu. ababeke phansi izintamo zabo ngenxa yokuphila kwami, engibabongayo, kungeyimi ngedwa, kodwa namabandla onke abezizwe. Khonzani ngokunjalo nebandla elisendlini yabo. Khonzani ku-Ephenetu othandiweyo wami, oyizithelo zokuqala ze-Akhaya kuKristu. Bingelelani uMariya owasebenza kanzima ngenxa yethu. Khonzani ko-Anidroniku noJuniya, izihlobo zami neziboshwa kanye nami, abadumileyo phakathi kwabaphostoli nabo ababe kuKristu ngaphambi kwami. Khonzani ku-Ampiliyasi isithandwa sami eNkosini. Khonzani ku-Uribane, isisebenzi sethu kuKristu, nakuStaku isithandwa sami. Khonzani ku-Aphele ovunyelwe kuKristu. Khonzani kwabendlu ka-Aristobulo. Khonzani kuHerodiyoni isihlobo sami. Khonzani kwabendlu kaNarkisu abaseNkosini. Khonzani koTrifina noTrifosa, abasebenza kanzima eNkosini. Khonzani kuPersisi othandekayo, owakhandleka kakhulu eNkosini. Khonzani kuRufu okhethiweyo eNkosini, nonina, nowami. Khonzani ko-Asinkritu, noFilegoni, noHerma, noPhatroba, noHermesi, nabazalwane abanabo. Khonzani kuFilologo, noJuliya, noNerewu, nodadewabo, no-Olimpa, nabangcwele bonke abanabo. Bingelelanani ngokwanga okungcwele. Ayakhonza kini amabandla kaKristu. Kepha ngiyanincenga, bazalwane, ukuba niqaphele ababanga ukwahlukana nezikhubekiso bephambene nesifundiso enasifundiswa nina; futhi ubagweme. Ngokuba abanjalo kabakhonzi iNkosi yethu uJesu Kristu, bakhonza isisu sabo; nangamazwi amahle namnandi bakhohlisa izinhliziyo zabangenalwazi. Ngokuba ukulalela kwenu sekufinyelele kubantu bonke. Ngakho-ke ngiyathokoza ngani, kepha ngithanda ukuba nihlakaniphe kokuhle, nibe abangenalwazi kokubi. UNkulunkulu wokuthula uzakumchoboza masinyane uSathane phansi kwezinyawo zenu. Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani. Amen. Uyakhonza kini uThimothewu, isisebenzi kanye nami, noLukiyu, noJasoni, noSosipatro, izihlobo zami. Mina Tertiyu, engilobe le ncwadi, ngiyakhonza kini eNkosini. Uyakhonza kini uGayu, esingimbelele, nebandla lonke. Uyakhonza kini u-Erastu induna yomuzi, noKwartu umzalwane. Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani nonke. Amen. Kuye onamandla okuniqinisa ngokwevangeli lami nentshumayelo kaJesu Kristu ngokokwambulwa kwemfihlakalo ebifihliwe kwasekuqaleni; Kodwa khathesi isibonakalisiwe, langemibhalo yabaprofethi, ngokomlayo kaNkulunkulu ophakade wenziwe waziwa ezizweni zonke ukuze balalele ngokukholwa; KuNkulunkulu ohlakaniphileyo yedwa, kakube ludumo ngoJesu Kristu kuze kube nininini. Amen. (Yabhalelwa amaRoma ivela eKorinte, yathunyelwa nguFebe inceku yebandla laseKenikreya.)

KwabaseRoma 16:1-27 ZUL20 (IsiZulu 2020)

Ngiyamncoma kini udadewethu, uFoyibe, oyidikoni ebandleni laseKhenikhreya, ukuba nimamukele eNkosini njengokufanele abangcwele, nimsize kukho konke angahle akudinge kini, ngokuba ulusizo impela kwabaningi, ngisho nakimi imbala. Khonzani kuPhriska no-Akhwila, izisebenzi, kanye nami kuKhristu uJesu, abadela ukuphila kwabo ngenxa yokuphila kwami, akubongi mina kuphela kodwa namabandla onke abezizwe. Khonzani nasebandleni elisendlini yabo naku-Efenethu, othandekayo kimi, owulibo lwabase-Asiya kuKhristu. Khonzani kuMariya owanisebenzela kakhulu. Nikhonze ku-Anidroniku noJuniya abayizihlobo zami, ababeyiziboshwa kanye nami, abaqavile kubaphostoli, nababekuKhristu ngaphambi kwami. Khonzani ku-Amphiliyathu wami othandekayo eNkosini. Nikhonze ku-Urbhanu, isisebenzi kanye nathi kuKhristu, nakuStakuwami othandekayo. Khonzani ku-Aphele owethembekile kuKhristu. Nikhonze nakwabendlu ka-Aristobhulu. Khonzani kuHerodiyone, isihlobo sami, nakwabendlu kaNarkisu abaseNkosini. Khonzani koThrayifina noThrayifosa abasebenza nathi eNkosini. Khonzani kuPhersisi othandekayo, owasebenza kakhulu eNkosini. Khonzani kuRufu okhethiweyo eNkosini, nakunina ongumame nakimi. Nikhonze ku-Asinkirithu, uFilegu, uHerme, uPhathroba, uHerma nakubazalwane abakanye nabo. Khonzani nakuFilologu, uJuliheya, uNerewu, nodadewabo, naku-Olimpa, nakwabangcwele bonke abakanye nabo. Bingelelanani ngokwanga okungcwele. Ayakhonza onke amabandla kaKhristu. Ngiyanincenga, bazalwane, ukuba nibaqaphele abadala ukwahlukana nabaphazamisa imfundiso enafundiswa yona, nihlukane nabo, ngokuba abanjalo abayizo izikhonzi zeNkosi yethu uKhristu, kepha bakhonza isisu sabo; kuthi ngamazwi ashelelayo nathophayo badukise izinhliziyo zabangenacala. Ngokuba njengoba ukulalela kwenu kuzwakele kubo bonke, ngakho-ke ngiyathokoza ngani, kodwa ngithanda ukuba nihlakaniphe kokuhle, nibe ngabangahlakaniphile kokubi. Kepha uNkulunkulu wokuthula uzakumchoboza masinyane uSathane phansi kwezinyawo zenu. Umusa weNkosi yethu uKhristu mawube nani. Uyakhonza kini uThimothewu oyisisebenzi kanye nami, noLukhiyu, uJasoni noSosiphathru, izihlobo zami. Mina, Therthiyu, olobe le ncwadi ngiyakhonza kini eNkosini. Uyakhonza kini uGayu ongingenise kwakhe, mina nebandla lonke. Uyakhonza kini u-Erastu, umphathisikhwama womuzi, noKwartu, umzalwane. Umusa weNkosi yethu uJesu Khristu mawube nani nonke. Amen. Manje, kuye onamandla okuniqinisa ngokwevangeli lami nangentshumayelo kaJesu Khristu, ngokwambulwa kwemfihlakalo eyayifihliwe kusukela ngezikhathi zaphakade. Kepha manje esibonakalisiwe ngemibhalo yabaphrofethi, ngokomyalo kaNkulunkulu ongunaphakade, yazisiwe ezizweni zonke, kube ngukulalela kokukholwa. Kuye uNkulunkulu, Yena yedwa onokwazi, makube kuye inkazimulo ngoJesu Khristu kuze kube phakade. Amen.

KwabaseRoma 16:1-27 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)

Ngiyamncoma kini uFebe, udadewethu oyisikhonzi sebandla laseKenikreya, ukuze nimamukele eNkosini njengokufanele abangcwele, nimsize noma kuyiphi into angase ayidinge kini, ngokuba yena ube ngumsizi wabaningi, nowami uqobo. Khonzani koPriska no-Akwila, izisebenzi ezikanye nami kuKristu Jesu, abadela ukuphila kwabo ngenxa yokuphila kwami, engibabongayo, kungeyimi ngedwa, kodwa namabandla onke abezizwe. Khonzani nasebandleni elisendlini yabo. Khonzani ku-Ephenetu, isithandwa sami, ongulibo lwase-Asiya kuKristu. Khonzani kuMariya owanisebenzela kakhulu. Khonzani ko-Anidroniku noJuniya abayizihlobo zami, ababe yiziboshwa kanye nami, abaqhamileyo kubaphostoli nababe kuKristu ngaphambi kwami. Khonzani ku-Ampiliyatu, isithandwa sami eNkosini. Khonzani ku-Urbanu, isisebenzi kanye nathi kuKristu nakuStaku, isithandwa sami. Khonzani ku-Aphele, othembekileyo kuKristu. Khonzani kwabakwa-Arisitobulu. Khonzani kuHerodiyone, isihlobo sami. Khonzani kwabakwaNarkisu abaseNkosini. Khonzani koTrifina noTrifosa abakhandleka eNkosini. Khonzani kuPersisi othandekayo, owakhandleka kakhulu eNkosini. Khonzani kuRufu okhethiweyo eNkosini nakunina ongumame. Khonzani ko-Asinkiritu, noFilegu, noHerme, noPhatroba, noHerma nabazalwane abanabo. Khonzani koFilologu noJuliya, kuNerewu nodadewabo, naku-Olimpa nakwabangcwele bonke abanabo. Bingelelanani ngokwanga okungcwele. Ayakhonza kini onke amabandla kaKristu. Ngiyanincenga, bazalwane, ukuba niqaphele ababanga ukwahlukana nokukhubekisa, bephambene nesifundiso enafundiswa sona nina, nahlukane nabo; ngokuba abanjalo abayikhonzi iNkosi yethu uKristu, bakhonza isisu sabo; nangamazwi amahle namnandi bakhohlisa izinhliziyo zabangenacala. Ngokuba ukulalela kwenu kuzwakele kubo bonke; ngakho-ke ngiyathokoza ngani, kepha ngithanda ukuba nihlakaniphe kokuhle, nibe ngabangahlakaniphile kokubi. Kepha uNkulunkulu wokuthula uzakumchoboza masinyane uSathane phansi kwezinyawo zenu. Umusa weNkosi yethu uKristu mawube nani. Uyakhonza kini uThimothewu, isisebenzi kanye nami, noLukiyu, noJasoni, noSosiphatru, izihlobo zami. Mina Tertiyu engilobe le ncwadi ngiyakhonza kini eNkosini. Uyakhonza kini uGayu ongingenise kwakhe, mina nebandla lonke. Uyakhonza kini u-Erastu, umphathisikhwama womuzi, noKwartu umzalwane. Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani nonke. Amen. Kuye onamandla okuniqinisa ngokwevangeli lami nentshumayelo kaJesu Kristu, ngokwambulwa kwemfihlakalo eyayifihliwe ngezikhathi zaphakade kepha manje isibonakalisiwe ngemibhalo yabaprofethi, ngokomyalo kaNkulunkulu ongunaphakade, yazisiwe ezizweni zonke, kube ngukulalela kokukholwa, kuye uNkulunkulu onokwazi yedwa akube kuye inkazimulo ngoJesu Kristu kuze kube phakade. Amen.

KwabaseRoma 16:1-27 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)

Ngiyamtusa kini uFebe udadewethu oyisikhonzi sebandla eliseKenikreya; ukuze nimamukele eNkosini njengokufanele abangcwele, nimsize kukho konke aniswele ngakho; Khonzani koPrisila no-Akwila, izisebenzi zami kuKristu Jesu. Ababeke phansi izintamo zabo ngenxa yokuphila kwami, engibabongayo, kungeyimi ngedwa, kodwa namabandla onke abezizwe. Khonzani ngokunjalo nebandla elisendlini yabo. Khonzani ku-Ephenetu othandiweyo wami, oyizithelo zokuqala ze-Akhaya kuKristu. Bingelelani uMariya owasebenza kanzima ngenxa yethu. Khonzani ko-Anidroniku noJuniya, izihlobo zami neziboshwa kanye nami, abadumileyo phakathi kwabaphostoli nabo ababe kuKristu ngaphambi kwami. Khonzani ku-Ampiliyasi isithandwa sami eNkosini. Khonzani ku-Uribane, isisebenzi sethu kuKristu, nakuStaku isithandwa sami. Khonzani ku-Aphele ovunyelwe kuKristu. Khonzani kwabendlu ka-Aristobulo. Khonzani kuHerodiyoni isihlobo sami. Khonzani kwabendlu kaNarkisu abaseNkosini. Khonzani koTrifina noTrifosa, abasebenza kanzima eNkosini. Khonzani kuPersisi othandekayo, owakhandleka kakhulu eNkosini. Khonzani kuRufu okhethiweyo eNkosini, nonina, nowami. Khonzani ko-Asinkritu, noFilegoni, noHerma, noPhatroba, noHermesi, nabazalwane abanabo. Khonzani kuFilologo, noJuliya, noNerewu, nodadewabo, no-Olimpa, nabangcwele bonke abanabo. Bingelelanani ngokwanga okungcwele. Ayakhonza kini amabandla kaKristu. Kepha ngiyanincenga, bazalwane, ukuba niqaphele ababanga ukwahlukana nezikhubekiso bephambene nesifundiso enasifundiswa nina; futhi ubagweme. Ngokuba abanjalo kabakhonzi iNkosi yethu uJesu Kristu, bakhonza isisu sabo; nangamazwi amahle namnandi bakhohlisa izinhliziyo zabangenalwazi. Ngokuba ukulalela kwenu sekufinyelele kubantu bonke. Ngakho-ke ngiyathokoza ngani, kepha ngithanda ukuba nihlakaniphe kokuhle, nibe abangenalwazi kokubi. UNkulunkulu wokuthula uzakumchoboza masinyane uSathane phansi kwezinyawo zenu. Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani. Amen. Uyakhonza kini uThimothewu, isisebenzi kanye nami, noLukiyu, noJasoni, noSosipatro, izihlobo zami. Mina Tertiyu, engilobe le ncwadi, ngiyakhonza kini eNkosini. Uyakhonza kini uGayu, esingimbelele, nebandla lonke. Uyakhonza kini u-Erastu induna yomuzi, noKwartu umzalwane. Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani nonke. Amen. Kuye onamandla okuniqinisa ngokwevangeli lami nentshumayelo kaJesu Kristu ngokokwambulwa kwemfihlakalo ebifihliwe kwasekuqaleni; Kodwa khathesi isibonakalisiwe, langemibhalo yabaprofethi, ngokomlayo kaNkulunkulu ophakade wenziwe waziwa ezizweni zonke ukuze balalele ngokukholwa; KuNkulunkulu ohlakaniphileyo yedwa, kakube ludumo ngoJesu Kristu kuze kube nininini. Amen. (Yabhalelwa amaRoma ivela eKorinte, yathunyelwa nguFebe inceku yebandla laseKenikreya.)