KwabaseRoma 16

16
UPawulu ukhonza kubazalwane
1Ngiyamncoma kini uFebe, udadewethu oyisikhonzi sebandla laseKenikreya, 2ukuze nimamukele eNkosini njengokufanele abangcwele, nimsize noma kuyiphi into angase ayidinge kini, ngokuba yena ube ngumsizi wabaningi, nowami uqobo.
3 Khonzani koPriska no-Akwila, izisebenzi ezikanye nami kuKristu Jesu, 4abadela ukuphila kwabo ngenxa yokuphila kwami, engibabongayo, kungeyimi ngedwa, kodwa namabandla onke abezizwe. 5 Khonzani nasebandleni elisendlini yabo. Khonzani ku-Ephenetu, isithandwa sami, ongulibo lwase-Asiya kuKristu. 6Khonzani kuMariya owanisebenzela kakhulu. 7Khonzani ko-Anidroniku noJuniya abayizihlobo zami, ababe yiziboshwa kanye nami, abaqhamileyo kubaphostoli nababe kuKristu ngaphambi kwami. 8Khonzani ku-Ampiliyatu, isithandwa sami eNkosini. 9Khonzani ku-Urbanu, isisebenzi kanye nathi kuKristu nakuStaku, isithandwa sami. 10Khonzani ku-Aphele, othembekileyo kuKristu. Khonzani kwabakwa-Arisitobulu. 11Khonzani kuHerodiyone, isihlobo sami. Khonzani kwabakwaNarkisu abaseNkosini. 12Khonzani koTrifina noTrifosa abakhandleka eNkosini. Khonzani kuPersisi othandekayo, owakhandleka kakhulu eNkosini. 13 Khonzani kuRufu okhethiweyo eNkosini nakunina ongumame. 14Khonzani ko-Asinkiritu, noFilegu, noHerme, noPhatroba, noHerma nabazalwane abanabo. 15Khonzani koFilologu noJuliya, kuNerewu nodadewabo, naku-Olimpa nakwabangcwele bonke abanabo. 16 Bingelelanani ngokwanga okungcwele. Ayakhonza kini onke amabandla kaKristu.
UPawulu uxwayisa ngababanga ukwahlukana
17 Ngiyanincenga, bazalwane, ukuba niqaphele ababanga ukwahlukana nokukhubekisa, bephambene nesifundiso enafundiswa sona nina, nahlukane nabo; 18ngokuba abanjalo abayikhonzi iNkosi yethu uKristu, bakhonza isisu sabo; nangamazwi amahle namnandi bakhohlisa izinhliziyo zabangenacala. 19Ngokuba ukulalela kwenu kuzwakele kubo bonke; ngakho-ke ngiyathokoza ngani, kepha ngithanda ukuba nihlakaniphe kokuhle, nibe ngabangahlakaniphile kokubi.
20Kepha uNkulunkulu wokuthula uzakumchoboza masinyane uSathane phansi kwezinyawo zenu. Umusa weNkosi yethu uKristu mawube nani.
Isigcino
21Uyakhonza kini uThimothewu, isisebenzi kanye nami, noLukiyu, noJasoni, noSosiphatru, izihlobo zami.
22Mina Tertiyu engilobe le ncwadi ngiyakhonza kini eNkosini.
23 Uyakhonza kini uGayu ongingenise kwakhe, mina nebandla lonke. Uyakhonza kini u-Erastu, umphathisikhwama womuzi, noKwartu umzalwane. 24Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani nonke. Amen.
25 Kuye onamandla okuniqinisa ngokwevangeli lami nentshumayelo kaJesu Kristu, ngokwambulwa kwemfihlakalo eyayifihliwe ngezikhathi zaphakade 26 kepha manje isibonakalisiwe ngemibhalo yabaprofethi, ngokomyalo kaNkulunkulu ongunaphakade, yazisiwe ezizweni zonke, kube ngukulalela kokukholwa, 27 kuye uNkulunkulu onokwazi yedwa akube kuye inkazimulo ngoJesu Kristu kuze kube phakade. Amen.

Okuqokiwe okwamanje:

KwabaseRoma 16: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo