AmaHubo 34:1-22 - Compare All Versions

AmaHubo 34:1-22 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)

Ngiyakumbonga uJehova ngezikhathi zonke; ukudunyiswa kwakhe kuyakuba semlonyeni wami njalonjalo. Umphefumulo wami uyakuzibonga ngoJehova; abathobekileyo bayakukuzwa, bajabule. Mtuseni uJehova kanye nami, siphakamise igama lakhe kanyekanye. Ngamfuna uJehova, wangiphendula; wangikhulula kulo lonke uvalo lwami. Babheka kuye phezulu, bakhanya; ubuso babo abusoze bajabha. Nasi isihlupheki esakhala, uJehova wezwa, wasikhulula kuzo zonke izinhlupheko zaso. Ingelosi kaJehova iyamisa nxazonke kubo abamesabayo, ibakhulule. Yizwani nibone ukuthi uJehova muhle; ubusisiwe lowo muntu ophephela kuye. Mesabeni uJehova nina bangcwele bakhe, ngokuba abasweli lutho abamesabayo. Amabhongo ezingonyama ayaswela, alambe, kepha abafuna uJehova abayikuswela lutho oluhle. Zanini, bantwana, ningilalele; ngizakunifundisa ukumesaba uJehova. Ngumuphi umuntu othanda ukuphila, ofisa izinsuku zokuba abone okuhle na? Londa ulimi lwakho kokubi, nezindebe zakho kukho ukukhuluma inkohliso. Deda kukho okubi, wenze okuhle; funa ukuthula, ukujonge. Amehlo kaJehova akubo abalungileyo; izindlebe zakhe zikukho ukukhala kwabo. Ubuso bukaJehova bumelene nabenza okubi ukuba achithe ukukhunjulwa kwabo emhlabeni. Labo bayakhala, uJehova uyezwa; uyabakhulula kuzo zonke izinhlupheko zabo. UJehova useduze nabo abanenhliziyo eyaphukileyo; uyabasindisa abanomoya odabukileyo. Ziningi izinhlupheko zolungileyo, kepha uJehova uyamkhulula kuzo zonke. Uyawagcina onke amathambo akhe; alaphulwa nelilodwa kuwo. Okubi kuyakumbulala omubi; abazonda olungileyo bayakulahlwa ngecala. UJehova ukhulula umphefumulo wezinceku zakhe; akakho kwabamethembayo oyakuba necala.

AmaHubo 34:1-22 ZUL20 (IsiZulu 2020)

USimakade ngimbonga ngezikhathi zonke; izibongo zakhe zizohlala zisemlonyeni wami njalo njalo. Umphefumulo wami uyozincoma ngoSimakade, abathobekileyo mabezwe, bajabule. Mbongeni kanye nami uSimakade, siliphakamise kanyekanye igama lakhe. Ngamfuna uSimakade, wangiphendula; wangikhulula kulo lonke uvalo lwami. Ababheka kuye, baba nokukhanya. Ubuso babo abusoze bajabha. Nasi isihlupheki esakhala uSimakade wasilalela, wasisindisa kuzo zonke izinhlupheko esasikuzo. Ingelosi kaSimakade ikanisa nxazonke kulabo abamesabayo, ibakhulule. Yizwani, nibone ukuthi uSimakade muhle; babusisiwe labo abaphephela kuye. Mesabeni uSimakade nina bangcwele bakhe, ngokuba abamesabayo abasweli lutho. Amabhongo amabhubesi ayeswela, alambe, kodwa abafuna uSimakade abayukweswela lutho oluhle. Wozani bantwana, lalelani kimi, ngizonifundisa ukwesaba uSimakade. Ngubani ofisa ukuphila, othanda izinsuku eziningi zokuthokozela okuhle na? Londa ulimi lwakho kokubi, nezindebe zakho ekukhulumeni inkohliso. Gwema okubi, wenze okuhle; funa ukuthula, ukuphokophelele. Amehlo kaSimakade aqaphela abalungileyo, izindlebe zakhe zivulekele ukukhala kwabo. Ubuso bukaSimakade bumelene nabenzi bokubi, ukuba aqede ukukhunjulwa kwabo emhlabeni. USimakade uyakuzwa ukunxusa kwabalungileyo, abakhulule kuzo zonke izinhlupheko zabo. USimakade useduze nabanhliziyo zidabukile, uyabasindisa abanomoya owaphukileyo. Ziningi izinhlupheko zolungileyo, kepha uSimakade uyamkhulula kuzo zonke. Uvikela wonke amathambo akhe, akuyukwaphulwa nalinye kuwo. Inkohlakalo iyombulala omubi, abazonda olungileyo bayojeza. USimakade uyakukhulula ukuphila kwezinceku zakhe, akekho ophephela kuye oyojeza.

AmaHubo 34:1-22 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)

Ihubo likaDavide ekuguquleni kwakhe ukuziphatha kwakhe phambi kuka-Abimeleki owamxosha, wahamba. Ngiyakumbonga njalo uJehova; udumo lwakhe luyakuba semlonyeni wami njalo. Umphefumulo wami uyakukhazimulisa kuJehova; abathobekileyo bayakuzwa, bajabule. Mdumiseni uJehova kanye nami, siphakamise igama lakhe kanyekanye. Ngamfuna uJehova, wangizwa, wangikhulula kukho konke ukwesaba kwami. Bambheka bakhanyiselwa, nobuso babo abuzange bube namahloni. Lo muntu ompofu wakhala, uJehova wamuzwa, wamkhulula kuzo zonke izinhlupheko zakhe. Ingelosi kaJehova iyehla nxazonke kwabamesabayo, ibakhulule. Nambithani nibone ukuthi uJehova muhle; ubusisiwe umuntu othembela kuye. Mesabeni uJehova nina bangcwele bayo, ngokuba abasweli abamesabayo. Amabhongo ezingonyama ayaswela, alambe; kepha abafuna uJehova abayikuswela lutho oluhle. Wozani, bantwana, ningilalele, nginifundise ukumesaba uJehova. Ngubani lo othanda ukuphila, othanda izinsuku eziningi ukuba abone okuhle, na? Gcina ulimi lwakho ebubini nezindebe zakho enkohliso. Deda ebubini wenze okuhle; funa ukuthula, ukuphishekele. Amehlo kaJehova aphezu kwabalungileyo, nezindlebe zakhe zisekukhaleleni kwabo usizo. Ubuso bukaJehova bumelene nabenza okubi ukuba asuse ukukhunjulwa kwabo emhlabeni. Abalungileyo bayabiza, uJehova uyezwa, abakhulule kuzo zonke izinhlupheko zabo. UJehova useduze kwabanenhliziyo eyaphukileyo; futhi usindise ababuthakathaka benhliziyo. Izinhlupheko zolungileyo ziningi, kepha uJehova uyamkhulula kuzo zonke. Uyawalonda onke amathambo akhe; akekho kubo ophukile. Ububi buyakumbulala omubi, nabazonda olungileyo bayakuba yihlane. UJehova uyawukhulula umphefumulo wezinceku zakhe, futhi akekho noyedwa kwabamethembayo oyoba ihlane.