AmaHubo 138:1-3
AmaHubo 138:1-3 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngiyokubonga ngenhliziyo yami yonke, ngikuhubele phambi konkulunkulu. Ngiyakukhuleka phambi kwethempeli lakho elingcwele, ngibonge iGama lakho, ngenxa yomusa wakho neqiniso lakho, ngokuba phezu kwakho konke, uphakamisile iGama lakho nezwi lakho. Ngosuku engakhala ngalo, wangiphendula; waqinisa umoya wami, ngaba namandla.
AmaHubo 138:1-3 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngiyakukubonga ngenhliziyo yami yonke; phambi kwawonkulunkulu ngiyakukuhubela. Ngiyakukhuleka phambi kwethempeli lakho elingcwele, ngibonge igama lakho ngenxa yomusa wakho neqiniso lakho, ngokuba phezu kwakho konke uphakamisile igama lakho nezwi lakho. Ngosuku engakhala ngalo wangiphendula; wangiqunga isibindi, wangipha amandla emphefumulweni wami.
AmaHubo 138:1-3 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ihubo likaDavide. Ngiyakukubonga ngenhliziyo yami yonke; phambi kwawonkulunkulu ngizakuhlabelela. Ngiyakukhuleka ethempelini lakho elingcwele, ngidumise igama lakho ngenxa yomusa wakho nangeqiniso lakho, ngokuba ukhulisile izwi lakho ngaphezu kwalo lonke igama lakho. Ngosuku engamemeza ngalo, wangiphendula, wangiqinisa ngamandla emphefumulweni wami.