AMahubo 138:1-3

AMahubo 138:1-3 ZUL20

Ngiyokubonga ngenhliziyo yami yonke, ngikuhubele phambi konkulunkulu. Ngiyakukhuleka phambi kwethempeli lakho elingcwele, ngibonge iGama lakho, ngenxa yomusa wakho neqiniso lakho, ngokuba phezu kwakho konke, uphakamisile iGama lakho nezwi lakho. Ngosuku engakhala ngalo, wangiphendula; waqinisa umoya wami, ngaba namandla.