NgokukaMarku 7:31-35
NgokukaMarku 7:31-35 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Wayesemuka futhi emikhawulweni yaseTire naseSidoni, weza olwandle lwaseGalile edabula phakathi kwezifunda zaseDekapholi. Baletha kuye isithulu, eyisilima; bamncenga ukuthi abeke isandla sakhe phezu kwakhe. Wamsusa esixukwini, wafaka iminwe yakhe ezindlebeni zakhe, wafela amathe, wathinta ulimi lwakhe; Wabheka phezulu ezulwini, wabubula, wathi kuye: “Efatha,” okungukuthi, Vula! Kwase kuvuleka izindlebe zaso masinyane, kwakhululeka ukucushwa kolimi lwaso, wakhuluma kahle.
NgokukaMarku 7:31-35 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UJesu esephumile futhi ezifundeni eThire, wadabula eSidoni, waya ngasolwandle iGalile, enqamula eDekhapholi. Baletha kuye isithulu esinamalimi, bamncenga ukuba abeke isandla sakhe phezu kwaso. UJesu wagudluka naso esixukwini, baba bodwa, wayesefaka iminwe yakhe ezindlebeni zaso, wafela amathe, wathinta ulimi lwaso, wabheka ngasezulwini, wabubula, wathi kuso: “Efatha!” okungukuthi: “Vuleka!” Izindlebe zaso zavuleka ngokushesha, lwaqaqululeka nolimi lwaso, sakhuluma kahle.
NgokukaMarku 7:31-35 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJesu waphuma futhi emikhawulweni yaseTire, wadabula iSidoni, weza ngaselwandle lwaseGalile edabula izwe laseDekapholi. Baletha kuye isithulu esinamalimi, bamncenga ukuba abeke isandla phezu kwaso. Wagudluka naso esixukwini bebodwa, wafaka iminwe yakhe ezindlebeni zaso, wafela amathe, waphatha ulimi lwaso, wabheka ngasezulwini, wabubula, wathi kuso: “Efatha!” okungukuthi: “Vuleka!” Zase zivuleka izindlebe zaso, wathukuluka masinyane umthambo wolimi lwaso, sakhuluma kahle.
NgokukaMarku 7:31-35 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)