NgokukaMarku 7

7
AbaFarisi nababhali basolwa ngenxa yezimiso zabo
(Math. 15:1)
1Kwabuthana kuye abaFarisi nabanye bababhali bevela eJerusalema. 2 Sebebonile ukuthi abanye babafundi bakhe badla izinkwa ngezandla ezimbi okungukuthi ezingahlanjiwe – 3ngokuba abaFarisi kanye nabaJuda bonke abadli bengahlambisisanga izandla, bebamba isiko labadala; 4nanxa bevela endalini, abadli bengakahlambi; kukhona nezinye izinto eziningi abazamukeleyo ukuba bazibambe, njengokuhlanza izinkezo, nezinkamba, nezitsha zethusi – 5abaFarisi nababhali bambuza bathi: “Abafundi bakho abahambi ngani ngesiko labadala, kepha badla isinkwa ngezandla ezimbi na?”
6 Wayesethi kubo: “U-Isaya waprofetha kahle ngani nina bazenzisi njengokulotshiweyo ukuthi:
“ ‘Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zomlomo,
kepha inhliziyo yaso ikude nami;
7kodwa bangikhonza ngeze
befundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu.’
8“Niyeka umyalo kaNkulunkulu, nibambe isiko labantu.”
9Wayesethi kubo: “Yebo, nichitha umyalo kaNkulunkulu ukuba nigcine isiko lenu. 10 Ngokuba uMose wathi: ‘Yazisa uyihlo nonyoko,’ nokuthi: ‘Othuka uyise noma unina makafe nokufa;’ 11kepha nina nithi: ‘Uma umuntu ethi kuyise noma kunina: YiKorbana, okungukuthi umnikelo, lokho ongabe usizwa yimi ngakho,’ 12anisamvumeli ukuba enzele uyise noma unina utho. 13Izwi likaNkulunkulu nilenza libe yize ngesiko lenu enilivezileyo; nokunye okuningi okunjalo niyakwenza.”
14Khona wabuye wabiza isixuku, wathi kuso: “Ngizweni nonke, niqonde. 15 Alukho utho olungaphandle komuntu lungene kuye olungamngcolisa; kepha okuphumayo kuye yilokho okumngcolisayo umuntu. 16Uma ekhona onezindlebe zokuzwa, makezwe.”
17Kuthe esengene endlini, evela esixukwini, abafundi bakhe bambuza ngalowo mfanekiso. 18Wayesethi kubo: “Kanti nani ningabangaqondiyo na? Aniqondi yini ukuthi konke okungaphandle okungena kumuntu kungemngcolise na? 19 Ngokuba akungeni enhliziyweni yakhe, kodwa kungena esiswini, kuphumele ngaphandle, kuhlambulula ukudla konke.”
20Wayesethi: “Okuphumayo kumuntu yilokho okumngcolisayo umuntu; 21 ngokuba ngaphakathi enhliziyweni yabantu kuphuma imicabango emibi, nobufebe, nokweba, nokubulala, 22nokuphinga, nokufisa, nokushinga, nenkohliso, nokungabi nanhloni, neso elibi, nokuhlambalaza, nokuzidla, nobuwula. 23Zonke lezo zinto ezimbi zivela ngaphakathi, zimngcolise umuntu.”
Owesifazane waseSirofenike
(Math. 15:21)
24Wayesemuka lapho, waya emikhawulweni yaseTire. Wangena endlini, akathanda ukwaziwa muntu, kodwa wayengenakufihlakala. 25Kwathi masinyane owesifazane ondodakazi yakhe encane inomoya ongcolileyo esezwile ngaye, weza waziphonsa phansi ngasezinyaweni zakhe. 26Kepha owesifazane lo wayengumGreki engumSirofenike ngokuzalwa, wamnxusa ukuba akhiphe idemoni endodakazini yakhe.
27UJesu wayesethi kuye: “Ake kusuthe abantwana kuqala, ngokuba akukuhle ukuthatha isinkwa sabantwana, usiphonse ezinjaneni.”
28Kodwa waphendula, wathi kuye: “Yebo, Nkosi; kepha nezinjana zidla imvuthuluka yabantwana phansi kwetafula.”
29Wayesethi kuye: “Ngenxa yalelo zwi, hamba-ke; idemoni seliphumile endodakazini yakho.”
30Wayesemuka, waya endlini yakhe, wafumana umntwana elele embhedeni, idemoni liphumile.
Isithulu esinamalimi siyaphiliswa
(Math. 15:29)
31UJesu waphuma futhi emikhawulweni yaseTire, wadabula iSidoni, weza ngaselwandle lwaseGalile edabula izwe laseDekapholi. 32Baletha kuye isithulu esinamalimi, bamncenga ukuba abeke isandla phezu kwaso. 33Wagudluka naso esixukwini bebodwa, wafaka iminwe yakhe ezindlebeni zaso, wafela amathe, waphatha ulimi lwaso, 34wabheka ngasezulwini, wabubula, wathi kuso: “Efatha!” okungukuthi: “Vuleka!” 35Zase zivuleka izindlebe zaso, wathukuluka masinyane umthambo wolimi lwaso, sakhuluma kahle.
36Wabayala ukuba bangatsheli muntu. Kepha kwathi nakuba ebayala kakhulu, kwayikhona bekwandisa kakhulu impela. 37Bamangala nokumangala, bathi: “Wenze kahle konke; nezithulu uzenza zizwe, nezimungulu zikhulume.”

Okuqokiwe okwamanje:

NgokukaMarku 7: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo