NgokukaMarku 7:1-13

NgokukaMarku 7:1-13 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Kwasekubuthana kuye abaFarisi nabanye bababhali ababevela eJerusalema. Sebebona abanye babafundi bakhe bedla isinkwa ngezandla ezingcolileyo, okungukuthi ezingagezwanga, basola. Ngoba abaFarisi lamaJuda wonke kabadli ngaphandle kokuthi bageze izandla kanengi, bebambe isiko labadala. Nxa bevela emakethe, abadli bengakagezi; Kukhona nezinye izinto eziningi abazamukeleyo ukuba bazibambe, njengokugezwa kwezindebe, namabhodwe, nezitsha zethusi, namatafula. AbaFarisi nababhali basebembuza bathi: Kungani abafundi bakho bengahambi ngesiko labadala, kodwa badla isinkwa ngezandla ezingagezwanga? Wasephendula wathi kubo: UIsaya waprofetha kuhle ngani bazenzisi, njengokulotshiweyo ukuthi: Lababantu bangidumisa ngezindebe zabo, kodwa inhliziyo yabo ikude lami. Kepha bangikhonza ngeze, befundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu. Ngokuba nidela umyalo kaNkulunkulu, nibambe isiko labantu, njengokugezisa amakhanzi nezindebe, nezinye eziningi ezinjalo niyazenza. Wathi kubo: “Niyakulahla umyalo kaNkulunkulu, ukuze nigcine isiko lenu. Ngokuba uMose wathi: “Yazisa uyihlo nonyoko; nokuthi: “Othuka uyise noma unina makafe nokufa; Kepha nina nithi: “Uma umuntu ethi kuyise noma kunina: ‘YiKorbana, okungukuthi isipho,’ noma yini ebengingabasiza ngayo; uzakuba ngokhululekileyo. Anisayikumvumela ukuba enzele uyise noma unina utho; Nenza izwi likaNkulunkulu libe yize ngesiko lenu enilivezileyo, neziningi ezinjalo niyazenza.

NgokukaMarku 7:1-13 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)