NgokukaMarku 13:1-23

NgokukaMarku 13:1-23 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

Kwathi ephuma ethempelini, omunye wabafundi bakhe wathi kuye: “Mfundisi, bheka ukuthi amatshe anjani nezakhiwo ezingaka! UJesu waphendula wathi kuye: “Uyazibona lezi zakhiwo ezinkulu na? akuyikushiywa itshe phezu kwetshe elingayikudilizelwa phansi. Esahlezi eNtabeni Yeminqumo malungana nethempeli, oPetru, noJakobe, noJohane, no-Andreya bambuza ngasese. Sitshele, lezizinto zizakuba nini? futhi siyakuba yini isibonakaliso lapho zonke lezi zinto seziyogcwaliseka na? UJesu wabaphendula waqala ukuthi: “Xwayani ningadukiswa muntu; Ngokuba abaningi bayakuza ngegama lami, bathi: Mina nginguKristu; njalo bazadukisa abanengi. Nxa nisizwa ngezimpi namahemuhemu ezimpi, ningethuki; kodwa ukuphela kungakafiki. Ngokuba isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso, kube khona ukuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo, kube khona indlala nezinhlupheko; lokhu kungukuqala kwemihelo. Kepha ziqapheleni nina, ngokuba bayakuninikela emikhandlwini; niyakushaywa emasinagogeni, niyiswe phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo. Ivangeli limelwe ukushunyayelwa kuqala ezizweni zonke. Kodwa nxa benihola, benikhaphela, ningakhathaleli ngaphambili eniyakukukhuluma, ningakucabangi ngaphambili; kodwa lokho eniyakukunikwa ngaleso sikhathi, kukhulumeni; uMoya oNgcwele. Kepha umfowabo uyakukhaphela umfowabo ekufeni, noyise indodana; labantwana bayakuvukela abazali babo, bababulale. Niyakuzondwa ngabantu bonke ngenxa yegama lami, kepha okhuthazelayo kuze kube sekupheleni nguyena oyakusindiswa. Kepha nxa nibona amanyala encithakalo, akhulunywa nguDaniyeli umprofethi, imi lapho kungafanele khona, (ofundayo makaqonde), khona-ke abaseJudiya mababalekele ezintabeni; Ophezu kwendlu kangehli aye endlini, futhi angangeni ukuze athathe utho endlini yakhe; Nosensimini makangabuyeli emuva ukuyothatha ingubo yakhe. Kodwa maye kwabakhulelweyo nakwabamunyisayo ngalezo zinsuku! Khulekani ukuba ukubaleka kwenu kungabi sebusika. Ngokuba ngalezo zinsuku kuyakuba-khona usizi olungazange lube khona olunjalo kwasekuqaleni kokudala akudalayo uNkulunkulu kuze kube manje, nolungasayikuba khona. Uma iNkosi ibingazifinyezanga lezo zinsuku, bekungayikusindiswa nyama; Khona uma umuntu ethi kini: Bhekani, nangu uKristu; noma, bheka, ukhona; ningamkholwa; Ngokuba kuyakuvela oKristu bamanga nabaprofethi bamanga, benze izibonakaliso nezimangaliso, ukuze badukise, uma kungenzeka, nabakhethiweyo. Kepha qaphelani nina; bhekani, nginitshele konke ngaphambili.

NgokukaMarku 13:1-23 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Kuthe lapho ephuma ethempelini, omunye wabafundi bakhe, wathi kuye: “Mfundisi, ake ubheke ubuhle balawa matshe nobuhle balezi zakhiwo!” UJesu wathi kuye: “Uyazibona lezi zakhiwo ezinkulu na? Akuyukusala litshe phezu kwetshe elingayukudilizelwa phansi.” Esahlezi eNtabeni Yeminqumo, maqondana nethempeli, uPhethro, uJakobe, uJohane, no-Andreya bambuza ngasese, bathi: “Sitshele ukuthi lokhu kuyakwenzeka nini, nokuthi siyakuba yini isibonakaliso, nesikhathi okuyakufezeka ngaso konke lokhu na?” UJesu waqala ukukhuluma kubo, ethi: “Qaphelani, funa kube khona onidukisayo. Kuyakufika abaningi ngegama lami, bathi: ‘Nginguye,’ badukise abaningi. Kepha nxa nizwa ngezimpi nemibiko ngezimpi, ningakhathazeki; kumele ukuba lokho kwenzeke, kodwa ukuphela kuyakube kungakafiki. Ngokuba isizwe siyakuvukela esinye isizwe, nombuso uvukele omunye umbuso. Kuyakuba nokuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo, kube khona nendlala. Lokhu kuyakuba ngukuqala kwemihelo. “Ngakho-ke ziqapheleni nina. Bayakunikhaphela emikhandlwini, nishaywe emasinagogeni, nimiswe phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo. Kepha ivangeli limelwe ukushumayelwa kuqala ezizweni zonke. Uma beniqhuba, benikhaphela, ningaqali nikhathazeke ngokuthi niyakuthini, kodwa lokho eniyakukunikwa ngaleso sikhathi kukhulumeni, ngokuba akunina enikhulumayo, kodwa nguMoya oNgcwele. “Khona umuntu uyakukhaphela ekufeni umfowabo, noyise akhaphele umntwana wakhe. Yebo, abantwana bayakubavukela abazali babo, bababulale. Niyakuzondwa yibo bonke ngenxa yegama lami, kodwa obekezelayo kuze kube sekupheleni, nguye oyakusindiswa. “Kepha uma nibona amanyala echithakele lapho kungafanele khona – ofundayo makaqaphele. AbaseJudiya mababalekele ezintabeni, kuthi ophezu kwendlu angabe esehla, ukuba angene athathe okuthile endlini yakhe, nosensimini makangabuyeli emuva ukuyothatha ingubo yakhe. Kepha maye, kwabakhulelweyo nabancelisayo, ngalezo zinsuku! Khulekelani ukuthi kungabi sebusika. Ngokuba lezo zinsuku ziyakuba nosizi olungazange lube khona kusukela ekuqaleni kwendalo, lapho uNkulunkulu edala konke okudaliweyo kuze kube manje, nolungayukubuye lube khona. Ukuba iNkosi ibingazifinyezanga lezo zinsuku, ngabe akusindiswanga muntu, kodwa ngenxa yabakhethiweyo eyabakhetha, yazifinyeza lezo zinsuku. Uma umuntu mumbe ethi kini: ‘Bhekani, nangu uKhristu,’ noma athi: ‘Bhekani, nanguya,’ ningakholwa. Ngokuba kuyakuvela okhristu mbumbulu nabaphrofethi bamanga, benze izibonakaliso nezimangaliso, ukuze, uma kungenzeka, badukise abakhethiweyo. Kepha nina qaphelani; nginixwayisile ngalezi zinto.

NgokukaMarku 13:1-23 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Kuthe ephuma ethempelini, omunye wabafundi bakhe wathi kuye: “Mfundisi, bheka amatshe anjani nezakhiwo ezinjani!” UJesu wathi kuye: “Uyabona lezi zakhiwo ezinkulu na? Akuyikushiywa itshe phezu kwetshe elingayikudilizelwa phansi.” Esahlezi eNtabeni Yeminqumo maqondana nethempeli, oPetru noJakobe noJohane no-Andreya bambuza bebodwa, bathi: “Sitshele ukuthi lokhu kuyakuba nini, nesibonakaliso siyakuba yini, lapho sekuyakufezeka konke lokhu, na?” Khona uJesu waqala ukukhuluma kubo, ethi: “Qaphelani ningadukiswa muntu. Kuyakuza abaningi ngegama lami, bathi: ‘Nginguye,’ badukise abaningi. Nxa nizwa izimpi namahemuhemu ezimpi, ningethuki; kumelwe ukuba kwenzeke, kepha ukuphela koba kungakafiki. Ngokuba isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso; kuyakuba khona ukuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo, kube khona indlala; lokhu kungukuqala kwemihelo. “Kepha ziqapheleni nina. Bayakunikhaphela emiphakathini; niyakushaywa emasinagogeni;* niyakumiswa phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo. Kepha ivangeli limelwe ukushunyayelwa kuqala ezizweni zonke. Uma beniqhuba, benikhaphela, ningakhathaleli ngaphambili eniyakukukhuluma, kodwa lokho eniyakukunikwa ngaleso sikhathi, kukhulumeni; ngokuba kakunina enikhulumayo kodwa nguMoya oNgcwele. “Khona umuntu uyakukhaphela umfowabo ekufeni noyise umntanakhe, yebo, abantwana bayakuvukela abazali babo, bababulale. Niyakuzondwa yibo bonke ngenxa yegama lami, kodwa okhuthazelayo kuze kube sekupheleni nguyena oyakusindiswa. “Kepha nxa nibona amanyala encithakalo emi lapho kungafanele khona – ofundayo makaqaphele – khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni, ophezu kwendlu angehli, angangeni ukuyothatha utho endlini yakhe, osensimini angabuyeli emuva ukuyothatha ingubo yakhe. Kepha maye kwabakhulelweyo nabancelisayo ngalezo zinsuku! Khulekani ukuba kungabi sebusika. Ngokuba lezo zinsuku ziyakuba nosizi olungazange lube khona olunjalo kwasekuqaleni kokudalwa akudalayo uNkulunkulu kuze kube manje, nolungasayikuba khona. Uma iNkosi ibingazifinyezi lezo zinsuku, bekungesindiswe muntu, kepha ngenxa yabakhethiweyo eyabakhetha yazifinyeza lezo zinsuku. Khona-ke uma umuntu ethi kini: ‘Bhekani, nangu uKristu,’ noma: ‘Bhekani, nanguya,’ ningakholwa. Ngokuba kuyakuvela okristu bamanga nabaprofethi bamanga, benze izibonakaliso nezimangaliso, ukuze badukise abakhethiweyo, uma kungenzeka. Kepha qaphelani nina; senginitshele konke ngaphambili.

NgokukaMarku 13:1-23 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)