NgokukaMakhu 13:1-23

NgokukaMakhu 13:1-23 ZUL20

Kuthe lapho ephuma ethempelini, omunye wabafundi bakhe, wathi kuye: “Mfundisi, ake ubheke ubuhle balawa matshe nobuhle balezi zakhiwo!” UJesu wathi kuye: “Uyazibona lezi zakhiwo ezinkulu na? Akuyukusala litshe phezu kwetshe elingayukudilizelwa phansi.” Esahlezi eNtabeni Yeminqumo, maqondana nethempeli, uPhethro, uJakobe, uJohane, no-Andreya bambuza ngasese, bathi: “Sitshele ukuthi lokhu kuyakwenzeka nini, nokuthi siyakuba yini isibonakaliso, nesikhathi okuyakufezeka ngaso konke lokhu na?” UJesu waqala ukukhuluma kubo, ethi: “Qaphelani, funa kube khona onidukisayo. Kuyakufika abaningi ngegama lami, bathi: ‘Nginguye,’ badukise abaningi. Kepha nxa nizwa ngezimpi nemibiko ngezimpi, ningakhathazeki; kumele ukuba lokho kwenzeke, kodwa ukuphela kuyakube kungakafiki. Ngokuba isizwe siyakuvukela esinye isizwe, nombuso uvukele omunye umbuso. Kuyakuba nokuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo, kube khona nendlala. Lokhu kuyakuba ngukuqala kwemihelo. “Ngakho-ke ziqapheleni nina. Bayakunikhaphela emikhandlwini, nishaywe emasinagogeni, nimiswe phambi kwababusi namakhosi ngenxa yami, kube ngubufakazi kubo. Kepha ivangeli limelwe ukushumayelwa kuqala ezizweni zonke. Uma beniqhuba, benikhaphela, ningaqali nikhathazeke ngokuthi niyakuthini, kodwa lokho eniyakukunikwa ngaleso sikhathi kukhulumeni, ngokuba akunina enikhulumayo, kodwa nguMoya oNgcwele. “Khona umuntu uyakukhaphela ekufeni umfowabo, noyise akhaphele umntwana wakhe. Yebo, abantwana bayakubavukela abazali babo, bababulale. Niyakuzondwa yibo bonke ngenxa yegama lami, kodwa obekezelayo kuze kube sekupheleni, nguye oyakusindiswa. “Kepha uma nibona amanyala echithakele lapho kungafanele khona – ofundayo makaqaphele. AbaseJudiya mababalekele ezintabeni, kuthi ophezu kwendlu angabe esehla, ukuba angene athathe okuthile endlini yakhe, nosensimini makangabuyeli emuva ukuyothatha ingubo yakhe. Kepha maye, kwabakhulelweyo nabancelisayo, ngalezo zinsuku! Khulekelani ukuthi kungabi sebusika. Ngokuba lezo zinsuku ziyakuba nosizi olungazange lube khona kusukela ekuqaleni kwendalo, lapho uNkulunkulu edala konke okudaliweyo kuze kube manje, nolungayukubuye lube khona. Ukuba iNkosi ibingazifinyezanga lezo zinsuku, ngabe akusindiswanga muntu, kodwa ngenxa yabakhethiweyo eyabakhetha, yazifinyeza lezo zinsuku. Uma umuntu mumbe ethi kini: ‘Bhekani, nangu uKhristu,’ noma athi: ‘Bhekani, nanguya,’ ningakholwa. Ngokuba kuyakuvela okhristu mbumbulu nabaphrofethi bamanga, benze izibonakaliso nezimangaliso, ukuze, uma kungenzeka, badukise abakhethiweyo. Kepha nina qaphelani; nginixwayisile ngalezi zinto.

Ividiyo ye- NgokukaMakhu 13:1-23