NgokukaMathewu 4:14-16 - Qhathanisa Zonke Izinguqulo
NgokukaMathewu 4:14-16 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
ukuba kugcwaliseke okwakhulunywa ngo-Isaya umprofethi ukuthi: “Izwe lakwaZabuloni nezwe lakwaNafetali ngaselwandle ngaphesheya kweJordani, iGalile labezizwe, isizwe esasihlezi ebumnyameni sibonile ukukhanya okukhulu, nababehlezi ezweni nasethunzini lokufa kuphumele kubo ukukhanya.”
NgokukaMathewu 4:14-16 ZUL20 (IsiZulu 2020)
ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngo-Izaya umphrofethi, ukuthi: “Izwe lakwaZebuloni nelakwaNafethali elisemgwaqweni oya olwandle phesheya kweJordani, iGalile labezizwe; isizwe esasihlezi ebumnyameni sibonile ukukhanya okukhulu; nababehlezi ezweni esigayegayeni sethunzi lokufa, ukukhanya kubakhanyisele.”
NgokukaMathewu 4:14-16 ZULUNT (Baasraak Zulu New Testament Bible)
ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngomprofethi uIsaya ukuthi: Izwe lakwaZabuloni nezwe lakwaNafetali ngasendleleni yolwandle ngaphesheya kweJordani, iGalile labezizwe; Abantu ababehlezi ebumnyameni babona ukukhanya okukhulu; nabahlezi ezweni nasethunzini lokufa ukukhanya kuye kwaphumela obala.
NgokukaMathewu 4:14-16 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)