NgokukaMathewu 1:20-23
NgokukaMathewu 1:20-23 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Esacabanga ngalezi zinto, bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala kuye ngephupho, ithi: “Josefa, ndodana kaDavide, ungesabi ukumthatha uMariya umkakho, ngokuba lokho akukhulelweyo kungokwasezulwini. uMoya oNgcwele. Uyakuzala indodana, uyiqambe igama lokuthi uJesu, ngokuba nguye oyakusindisa abantu bakhe ezonweni zabo. Manje konke lokhu kwenzeka, ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa yiNkosi ngomprofethi ukuthi: Bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, bayiqambe igama lokuthi u-Emanuweli, okungukuthi ngokuhunyushwa, uNkulunkulu unathi.
NgokukaMathewu 1:20-23 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kuthe esazindla ngalokhu; bheka kwabonakala kuye ingelosi yeNkosi ephusheni, ithi: “Josefa, ndodana kaDavide, ungesabi ukumthatha uMariya abe ngumkakho, ngokuba lokho akukhulelweyo kungokukaMoya oNgcwele. Uzakuzala iNdodana, uyiqambe igama uthi nguJesu, ngokuba nguye oyakusindisa abantu bakhe ezonweni zabo.” Konke lokho kwenzeka ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa yiNkosi ngomphrofethi, yathi: “Intombi iyakukhulelwa, izale indodana; bayakuyiqamba igama bathi ngu-Immanuweli,” okusho ukuthi: “UNkulunkulu unathi.”
NgokukaMathewu 1:20-23 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Esazindla ngalokho, bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala kuye ngephupho, ithi: “Josefa, ndodana kaDavide, ungesabi ukumthatha uMariya umkakho, ngokuba lokho akukhulelweyo kungoMoya oNgcwele. Uzakuzala indodana, uyiqambe igama lokuthi uJesu, ngokuba nguye oyakusindisa abantu bakhe ezonweni zabo.” Lokhu konke kwenzeka ukuba kugcwaliseke okwakhulunywa yiNkosi ngomprofethi ukuthi: “Bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana; bayakuyiqamba igama lokuthi u-Emanuweli,” okungukuthi ngokuhunyushwa “uNkulunkulu unathi”.
NgokukaMathewu 1:20-23 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Esacabanga ngalezi zinto, bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala kuye ngephupho, ithi: “Josefa, ndodana kaDavide, ungesabi ukumthatha uMariya umkakho, ngokuba lokho akukhulelweyo kungokwasezulwini uMoya oNgcwele. Uyakuzala indodana, uyiqambe igama lokuthi uJesu, ngokuba nguye oyakusindisa abantu bakhe ezonweni zabo. Manje konke lokhu kwenzeka, ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa yiNkosi ngomprofethi ukuthi: Bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, bayiqambe igama lokuthi u-Emanuweli, okungukuthi ngokuhunyushwa, uNkulunkulu unathi.