UMalaki 2:14-16
UMalaki 2:14-16 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Bese nibuza nithi: ‘Ngani na?’ Ngoba uSimakade ubengufakazi phakathi kwakho nonkosikazi wobusha bakho, wena ongethembekanga kuye, obewumngani wakho nonkosikazi wesivumelwano sakho. “Kanti uSimakade akabenzanga yini baba nyamanye na? Emoyeni nasenyameni bangabakhe. Kungani babe munye na? Wayefuna ulibo olunobuNkulunkulu. Ngakho-ke qaphela enhliziyweni yakho, ukuba ungamkhohlisi unkosikazi wobusha benu. “USimakade uNkulunkulu ka-Israyeli uthi: ‘Phela ngiyasizonda isehlukaniso, nozimbathisa ngobudlova bube yingubo yakhe,’ ” kusho uSimakade Wamabandla. Ngalokho-ke qaphelani emoyeni wenu ukuba ningakhohlisi.
UMalaki 2:14-16 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Bese nithi-ke: ‘Ngani na?’ Ngokuba uJehova wayengufakazi phakathi kwakho nomfazi wobusha bakho omkhohlisile wena, noma engumngane wakho nomfazi wesivumelwano sakho. “AkusiMunye osenzileyo, okusele kuye umoya wethu na? Ufunani lo Munye? Inzalo kaNkulunkulu. Ngalokho qaphelani umoya wenu ukuba ningamkhohlisi umfazi wobusha benu. “Ngokuba ngiyazonda ukwahlukana,” usho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, “nozisibekelayo ngobudlova njengesambatho,” usho uJehova Sebawoti. Ngalokho qaphelani umoya wenu ukuba ningakhohlisi.
UMalaki 2:14-16 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kodwa lina lithi: Ngani? Ngokuba uJehova wayengufakazi phakathi kwakho nomfazi wobusha bakho owaphambuka kuye; nokho ungumngane wakho nomfazi wesivumelwano sakho. Futhi akenzanga eyodwa na? Nokho wayenayo insali yomoya. Futhi kungani eyodwa? Ukuze afune inzalo kaNkulunkulu. Khona-ke qaphelani umoya wenu, futhi makungabikho muntu ongathembeki emfazini wobusha bakhe. Ngokuba uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli uyakuzonda ukusoka; ngokuba ngengubo yakhe umuntu usibekela ubudlova,” usho uJehova Sebawoti; qaphelani umoya wenu, ukuze ningenzi ngokungathembeki.