UJeremiya 7:22-23 - Compare All Versions

UJeremiya 7:22-23 ZUL20 (IsiZulu 2020)

Ngokuba angikhulumanga kokhokho benu, angibayalanga mhla ngibakhipha eGibhithe ngezindaba zeminikelo nemihlatshelo, kodwa ngabayala ngalokhu, ngathi: lalelani izwi lami, ngiyakuba nguNkulunkulu wenu, nina nibe ngabantu bami, niyakuhamba ngazo zonke izindlela enganiyala ngazo, ukuze kunihambele kahle konke.

UJeremiya 7:22-23 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)

Ngokuba angikhulumanga koyihlo, angibayalelanga ngezindaba zeminikelo nemihlatshelo mhla ngibakhipha ezweni laseGibithe, kepha ngabayala kuphela le nto yokuthi: Lalelani izwi lami, ngiyakuba nguNkulunkulu wenu, nina nibe ngabantu bami, nihambe ngezindlela zonke enganiyala ngazo ukuba kube kuhle kini.

UJeremiya 7:22-23 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)

Ngokuba angikhulumanga koyihlo, futhi angibayalanga ngosuku engabakhipha ngalo ezweni laseGibithe mayelana neminikelo yokushiswa nemihlatshelo. Kodwa ngabayala le nto ngathi: Lalelani izwi lami, futhi ngizoba nguNkulunkulu wenu, futhi niyoba ngabantu bami; nihambe ngezindlela zonke enginiyale ngazo, ukuze kube kuhle kini.