UJeremiya 10:1-25

UJeremiya 10:1-25 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Yizwani izwi uSimakade alikhuluma kini, nina ndlu ka-Israyeli. Usho kanje uSimakade, uthi: “Ningayifundi indlela yabezizwe, ningashaywa wuvalo ngezibonakaliso esibhakabhakeni, ngokuba abezizwe bayazesaba. Imikhuba yabantu iyize; ngokuba umuntu ugawula isihlahla ehlathini, asixhoze ngembazo; umsebenzi wombazi, osibaza ngembazo. Abantu bawuhlobise ngesiliva nangegolide, bawuqongqothele ngesando nangezipikili ukuze ungawi. Njengesichuse ensimini yamakhukhamba, awukhulumi, impela uyathwalwa; ngokuba awuzihambeli. Ungawesabi, ngokuba awukwazi ukukulimaza, futhi awukwazi ukwenza okuhle.” Akekho onjengawe Simakade; umkhulu, igama lakho likhulu emandleni. Ngubani ongayukukwesaba Nkosi yezizwe na? Ngokuba kuyimfanelo yakho, akekho onjengawe phakathi kwabo bonke abahlakaniphileyo bezizwe, nakuyo yonke imibuso yabo; akekho onjengawe. Bonke bayiziphukuphuku neziwula. Ukuyala kwezithombe kufana nokhuni nje, nesiliva elicangcathiweyo elilethwa lisuka eTharishishi, negolide lase-Ufazi, kungumsebenzi wezandla zomcangcathi; kugqokiswe okuluhlaza nokubukhwebezane, konke kungumsebenzi wezingcweti. Kepha uSimakade unguNkulunkulu weqiniso, uNkulunkulu ophilayo neNkosi yaphakade; ngentukuthelo yakhe, umhlaba uyazamazama; izizwe azinakumelana nolaka lwakhe. “Uyakukhuluma kanje kubo: ‘Onkulunkulu abangalenzanga izulu nomhlaba, bayakubhubha emhlabeni naphansi kwezulu.’ ” Umhlaba wawenza ngamandla akhe, izwe walimisa ngokuhlakanipha kwakhe, izulu walendlala ngokuqonda kwakhe. Lapho eduma ngezwi lakhe, kuhlokoma amanzi ezulwini; ukhuphula inkungu emikhawulweni yomhlaba, athumele umbani nemvula, akhiphe umoya ezinqolobaneni zakhe. Bonke abantu bayiziphukuphuku, abanalwazi; bonke ababumbi bathelwe ngehlazo nezithombe zabo ezibunjiweyo ziyinkohliso, azinamphefumulo. Ziyize, umsebenzi wokuhlekwa, ngesikhathi abayojeziswa ngaso, ziyakushabalala. Isabelo sikaJakobe asifani nalaba, ngokuba nguye okubumbileyo konke; u-Israyeli uyisizwe nefa lakhe; nguSimakade Wamabandla igama lakhe. Qoqa umshuqulo wakho emhlabathini, wena ohlezi ekuvinjezelweni. Ngokuba usho kanje uSimakade, uthi: “Bheka, ngalowo mzuzu ngiyozijwiba izakhamuzi zezwe, ngibacindezele ukuze bakuzwe lokho.” Maye kimi ngenxa yokulimala kwami! Isilonda sami sibi. Kepha mina ngithi: “Impela lokhu yisifo, ngizosibekezelela.” Ithende lami libhidliziwe, izintambo zalo zonke zigqatshuliwe; abantwana bami bangishiyile, abasekho, akasekho ongangigxumekela ithende lami futhi, nongigaxela amakhethini ami. Abelusi bayiziphukuphuku, abazange bamfune uSimakade; ngakho-ke abaphumelelanga, nomhlambi wabo wonke uhlakazekile. Izwi lombiko liyasondela, nokuzamazama okukhulu okuvela ezweni enyakatho, ukuba kwenze imizi yakwaJuda ibe yincithakalo, indawo ehlala amakhanka. Simakade, ngiyazi ukuthi indlela yomuntu ayikho ezandleni zakhe ukuba aqondise izinyathelo zakhe uma ehamba. Simakade, ngiqondise ngobulungiswa, kungabi ngentukuthelo yakho, funa ungiphendule into engelutho. Thululela ulaka lwakho phezu kwabezizwe abangakwaziyo, naphezu kwemindeni engalibizi igama lakho, ngokuba bamdlile uJakobe; yebo, bamdlile bamqeda nya, balenza incithakalo ikhaya lakhe.

UJeremiya 10:1-25 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Zwanini izwi uJehova alikhuluma kini nina ndlu ka-Israyeli. Usho kanje uJehova, uthi: “Ningayifundi indlela yabezizwe, ningashaywa luvalo ngezibonakaliso zasezulwini, ngokuba abezizwe bezesaba. Ngokuba imikhuba yabantu iyize, lokhu kugawulwa umuthi ehlathini; ngumsebenzi wesandla sesisebenzi ngembazo. Bawenza ube muhle ngesiliva nangegolide, bawubethela ngezipikili nangezando ukuba ungazamazami. Ungumsebenzi okhandiweyo, awukhulumi; uyathwalwa nokuthwalwa, ngokuba awuhambi. Ungawesabi, ngokuba awenzi okubi, nokuhle awunakukwenza.” Akakho onjengawe Jehova; umkhulu, igama lakho likhulu ngobuqhawe. Ngubani ongekwesabe, Nkosi yezizwe, ngokuba uyimfanelo yakho, ngokuba phakathi kwabo bonke abahlakaniphileyo bezizwe nakuyo yonke imibuso yabo akakho onjengawe. Bayiziphukuphuku, bayiziwula bonke; ngukulaya kwezithombe; kungumuthi nje, nezingcwecwe zesiliva ezilethwe zivela eTharishishi negolide lase-Ofiri, umsebenzi wesisebenzi nowezandla zomkhandi, kugqokiswe okuluhlaza nokububende, kungumsebenzi wabahlakaniphileyo konke. Kepha uJehova unguNkulunkulu weqiniso, unguNkulunkulu ophilileyo neNkosi yaphakade; ngentukuthelo yakhe umhlaba uyazamazama, izizwe azinakuma ngokufutheka kwakhe. “Niyakusho kanje kubo, nithi: ‘Onkulunkulu abangenzanga izulu nomhlaba, labo bayakubhubha emhlabeni nangaphansi kwezulu.’ ” Wawenza umhlaba ngamandla akhe, walimisa izwe ngokuhlakanipha kwakhe, ngokuqonda kwakhe waleneka izulu. Lapho elizwakalisa izwi lakhe, kungukuhlokoma kwamanzi ezulwini; uzikhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba, enzele imvula unyazi, awukhiphe umoya endlini yengcebo. Bonke abantu bayiziphukuphuku, abanakwazi; bonke abakhandi bajabhiswa nezithombe zabo ezibaziweyo, ngokuba izithombe zabo ezibunjiweyo zingamanga, nomoya awukho kuzo. Ziyize, umsebenzi wenkohliso; ngesikhathi sokuhanjelwa kwabo ziyakubhubha. Oyisabelo sikaJakobe akanjengalezo, ngokuba nguye obumbile konke; u-Israyeli uyisizwe sefa lakhe, nguJehova Sebawoti igama lakhe. Qoqa umshuqulo wakho ezweni wena ohlezi ekuvinjezelweni. Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, ngiyakubazwiba abakhileyo ezweni ngalo mzuzwana, ngibacindezele ukuze bakuzwe.” Maye kimina ngenxa yokulimala kwami! Ukushaywa kwami kunzima. Kepha ngithi mina: “Nempela lokhu kulusizi lwami, ngiyakuluthwala.” Itende lami lichithakele, zonke izintambo zami zigqabukile; abantwana bami basukile kimi, kabasekho; kasekho owokwelula itende lami nowokumisa izilenge zami. Ngokuba abelusi bayiziphukuphuku, abamfunanga uJehova; ngalokho abaphumelelanga, nomhlambi wabo wonke uhlakazekile. Bheka, kusondela izwi lombiko, nokuzamazama okukhulu okuvela ezweni lasenyakatho, ukuba kwenze imizi yakwaJuda ibe yincithakalo, indawo yokuhlala kwamakhanka. Ngiyazi, Jehova, ukuthi indlela yomuntu ayikuye uqobo; akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo. Ngilaye, Jehova, kepha ngokwahlulela, kungabi ngentukuthelo yakho, funa ungenze into engelutho. Thulula ukufutheka kwakho phezu kwabezizwe abangakwaziyo naphezu kwemindeni engalibizi igama lakho, ngokuba bamdlile uJakobe; yebo, bamdlile bamqeda, balichitha ikhaya lakhe.

UJeremiya 10:1-25 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Zwanini izwi uJehova alikhuluma kini nina ndlu ka-Israyeli! Usho kanje uJehova, uthi: “Ningafundi indlela yabezizwe, ningesabi izibonakaliso zezulu; ngoba abezizwe bayabesaba. Ngokuba imikhuba yabantu iyize, ngokuba umuntu ugawula umuthi ehlathini, umsebenzi wezandla zesisebenzi ngembazo. Balihlobisa ngesiliva nangegolide; bayibethela ngezipikili nangezando, ukuze inganyakazi. Baqotho njengesundu, kodwa abakhulumi; kumele zithwalwe ngoba azikwazi ukuhamba. Ningabesabi; ngokuba abakwazi ukwenza okubi, akukho kubo ukwenza okuhle. Ngoba akakho ofana nawe, Jehova; Wena umkhulu, futhi iGama lakho likhulu ngamandla. Ngubani ongekwesabe, Nkosi yezizwe? ngoba ingeyakho, ngoba phakathi kwabo bonke abahlakaniphileyo bezizwe lemibuso yabo yonke kakho onjengawe. Kepha bayiziphukuphuku neziwula; imfuyo iyimfundiso eyize. Isiliva elinezingcwephe lilethwa livela eTharishishi, negolide lase-Ufazi, umsebenzi wengcweti nowezandla zomkhandi; izingubo zabo ziluhlaza nokububende; konke kungumsebenzi wamadoda anobuqili. Kepha uJehova unguNkulunkulu weqiniso, unguNkulunkulu ophilayo, neNkosi yaphakade; ngentukuthelo yakhe umhlaba uyazamazama, nezizwe aziyikuthwala ukufutheka kwakhe. Ngakho kumelwe uthi kubo: Onkulunkulu abangalenzanga izulu nomhlaba, bayoshabalala emhlabeni nangaphansi kwaleli zulu. Wenza umhlaba ngamandla akhe, walimisa izwe ngokuhlakanipha kwakhe, waleneka izulu ngecebo lakhe. Lapho ezwakalisa izwi lakhe, kukhona inqwaba yamanzi ezulwini, futhi ubangela ukuba inkungu ikhuphuke emikhawulweni yomhlaba; wenza umbani nemvula, akhiphe umoya engcebweni yakhe. Wonke umuntu unesibindi ekwazini kwakhe; bonke abakhandi bajabhiswa ngesithombe esibaziweyo, ngokuba izithombe zabo ezibunjiweyo zingamanga, nomoya awukho kuzo. Ziyize nomsebenzi wenkohliso; ngesikhathi sokuhanjelwa kwazo ziyakubhubha. Oyisabelo sikaJakobe akafani nazo, ngokuba unguMbumbi wazo zonke izinto; u-Israyeli uyinduku yefa lakhe; nguJehova Sebawoti igama lakhe. Qoqa impahla yakho elizweni, wena owakhileyo ezinqabeni! Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, ngiyakuxosha abakhileyo ezweni ngalesi sikhathi, ngibacindezele ukuba bakuthole kunjalo. Maye kimi ngenxa yobuhlungu bami! isilonda sami sibuhlungu, kepha ngathi: Impela buhlungu, ngimelwe ukubuthwala. Itabernakele lami lichithiwe, nezintambo zami zonke zephuliwe; abantwana bami baphumile kimi, futhi abasekho; akasekho ongagxumeka itende lami, amise amakhethini ami. Ngokuba abelusi baba yiziwula, abamfunanga uJehova; ngalokho abayikuphumelela, nezimvu zabo zonke ziyakuhlakazwa. Bhekani, kuyeza umsindo wesithelo, nesiyaluyalu esikhulu esivela ezweni lasenyakatho, ukwenza imizi yakwaJuda ibe yihlane nomhume wezimpungushe. Ngiyazi, Jehova, ukuthi indlela yomuntu ayikuye uqobo; akukumuntu ukuba aqondise izinyathelo zakhe. Ngiqondise, Jehova, kepha ngokwahlulela; kungabi ngentukuthelo yakho, funa ungibhubhise. Thela ukufutheka kwakho phezu kwezizwe ongazaziyo, nasezizukulwaneni ezingalibizi igama lakho; ngokuba bamdlile uJakobe, bamshwabadela, bamshwabadela, benza ikhaya lakhe laba yihlane.