EkaJakobe 1:2-6 - Compare All Versions
EkaJakobe 1:2-6 ZULUNT (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Bazalwane bami, nxa nehlelwa yizilingo ngezilingo, anothi kuyinjabulo yodwa; nazi lokhu ukuthi ukuvivinywa kokukholwa kwenu kuveza ukubekezela. Kepha ukubekezela makuphelelise umsebenzi wako, ukuze nibe ngabaphelele nabaphelele, ningasweli lutho. Uma noma ubani kini entula ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu opha bonke ngobuhle, engasoli; njalo uzakuphiwa. Kodwa kacele ekholweni engangabazi lutho. Ngokuba ongabazayo ufana negagasi lolwandle eliqhutshwa umoya linyakaziswa.
EkaJakobe 1:2-6 ZUL20 (IsiZulu 2020)
Bazalwane bami, uma nehlelwa yizilingo ezinhlobonhlobo, zithatheni ngokuthi zingukuthokoza kuphela, nazi ukuthi ukuvivinywa kokukholwa kwenu kuveza ukukhuthazela. Ukukhuthazela makube nomphumela opheleleyo, ukuze nibe ngabakhulile nabapheleleyo, nabangaswele lutho. Kepha uma kukhona omunye phakathi kwenu oswele ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngokungagodli futhi engabalisi; uyakuphiwa lokho. Kepha makacele ngokukholwa, engangabazi nakancane, ngokuba ongabazayo ufana nedlambi lolwandle elidudulwa ngumoya, ulise le nale.
EkaJakobe 1:2-6 ZUL59 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Bazalwane bami, nxa nehlelwa yizilingo ngezilingo, anothi kungukuthokoza kodwa, nazi ukuthi ukuvivinywa kokukholwa kwenu kuveza ukukhuthazela. Kepha ukukhuthazela makube nomsebenzi opheleleyo, ukuze nibe ngabapheleleyo nabangenacala abangasweli lutho. Uma-ke kukhona kini oswela ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngobuhle engajakadi, khona uyakuphiwa. Kepha makacele ngokukholwa engangabazi ngalutho; ngokuba ongabazayo unjengedlambi lolwandle eliqhutshwa, ligujiswa ngumoya.
EkaJakobe 1:2-6 CZB24 (Contemporary Zulu Bible 2024)