UGenesise 15:17-18
UGenesise 15:17-18 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Futhi kwenzeka ukuthi, lapho ilanga selishonile futhi kuba mnyama, kwakukhona isithando somlilo esivuthayo nesibani esivuthayo sidlula phakathi kwalezo zicucu. Ngalolo suku uJehova wenza isivumelwano no-Abrama, wathi: “Inzalo yakho ngiyinike leli zwe, kusukela emfuleni waseGibhithe kuze kufike emfuleni omkhulu, umfula u-Ewufrathe.
UGenesise 15:17-18 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Selishonile ilanga, sekumnyama, kwabonakala imbawula eshunqayo nesihlonti sikhephuka ilangabi kudabula phakathi kwezinhlangothi zenyama. Ngalolo lusuku uSimakade wenza isivumelwano no-Abhrama, wathi: “Ngiyakulinika inzalo yakho leli lizwe, kusukela emfuleni oseGibhithe kuze kube semfuleni omkhulu iYufrathe
UGenesise 15:17-18 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kwathi ngokushona kwelanga kwaba mnyama, bheka, nanto iziko elithunqayo, nelangabi lomlilo ladabula phakathi kwalezo zinxenye. Ngalolo suku uJehova wasenza isivumelwano no-Abrama, wathi: “Ngiyakunika inzalo yakho leli zwe, kusukela emfuleni waseGibithe kuze kube semfuleni omkhulu, umfula u-Ewufrathe