UGenesise 15

15
Isivumelwano sikaJehova no-Abrama
1Emva kwalokho kwafika izwi likaJehova ku-Abrama ngombono, lithi: “Ungesabi, Abrama, ngiyisihlangu sakho; umvuzo wakho uyakuba mkhulu kakhulu.”
2Kepha u-Abrama wathi: “Nkosi Jehova, uyakungiphani na? Ngihamba ngingenamntwana; indlalifa yendlu yami ingu-Eliyezeri waseDamaseku.” 3U-Abrama wathi futhi: “Bheka, awunginikanga nzalo; bheka, inceku yendlu yami iyakuba yindlalifa yami.”
4 Bheka, izwi likaJehova leza kuye, lathi: “Lona akayikudla ifa lakho, kepha oyakuphuma ezibilinini zakho uyakudla ifa lakho.” 5 Wamphumisela ngaphandle, wathi: “Bheka ngasezulwini, ubale izinkanyezi, uma ungazibala.” Wathi kuye: “Kuyakuba njalo inzalo yakho.”
6 Wakholwa nguJehova; wambalela lokho kwaba ngukulunga.
7Wayesethi kuye: “NginguJehova owakuphumisa e-Uri lamaKaledi ukuba ngikunike leli zwe libe yifa lakho.”
8Wathi: “Nkosi Jehova, ngiyokwazi ngani ukuthi ngiyakulidla na?”
9Wathi kuye: “Ngithabathele isithokazi esineminyaka emithathu, nembuzi eyinsikazi eneminyaka emithathu, nenqama eneminyaka emithathu, nehobhe, nephuphu lejuba.”
10 Wamthathela zonke lezo, wazinquma phakathi, wabeka kwaba yileyo naleyo nxenye ukuba ibhekane nenye; kepha izinyoni akazinqumanga. 11Amanqe ehlela phezu kwezidumbu; u-Abrama wawaxosha.
12Kwathi ngokushona kwelanga ubuthongo obunzima bamehlela u-Abrama; bheka, washaywa luvalo lobumnyama obukhulu. 13Wathi ku-Abrama: “Yazisisa ukuthi inzalo yakho izakuba ngumfokazi ezweni elingesilo elayo, ibe yizigqila, icindezelwe iminyaka engamakhulu amane. 14Kepha leso sizwe eyakuba yizigqila zaso ngiyakusahlulela mina; ngasemuva iyakuphuma inempahla eningi. 15 Kepha wena uyakuya koyihlo ngokuthula, umbelwe usumdala. 16Esizukulwaneni sesine iyakubuyela lapha, ngokuba ububi bama-Amori abukapheleli.”
17 Kwathi ngokushona kwelanga kwaba mnyama, bheka, nanto iziko elithunqayo, nelangabi lomlilo ladabula phakathi kwalezo zinxenye. 18 Ngalolo suku uJehova wasenza isivumelwano no-Abrama, wathi: “Ngiyakunika inzalo yakho leli zwe, kusukela emfuleni waseGibithe kuze kube semfuleni omkhulu, umfula u-Ewufrathe: 19amaKheni, namaKhenizi, namaKadimoni, 20 namaHeti, namaPherizi, namaRefa, 21nama-Amori, namaKhanani, namaGirigashi, namaJebusi.”

Okuqokiwe okwamanje:

UGenesise 15: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo