KwabaseGalathiya 5:22-26
KwabaseGalathiya 5:22-26 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kepha izithelo zikaMoya ziluthando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nokukholeka, nobumnene, nokuzithiba. Akukho mthetho omelana nokunjalo. Kepha abakaKristu Jesu babethele esiphambanweni inyama kanye nokuhuheka nezinkanuko. Uma siphila ngoMoya, masihambe futhi ngoMoya. Masingafuni udumo oluze, siqalana, sifelane umhawu.
KwabaseGalathiya 5:22-26 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kodwa isithelo sikaMoya siluthando, intokozo, ukuthula, ukubekezela, ubumnene, ukulunga, ukholo, ubumnene, nokuzithiba: akukho mthetho omelene nokunjalo. AbakaKristu babethele esiphambanweni inyama kanye nokuhuheka nezinkanuko. Uma siphila ngoMoya, masihambe futhi ngoMoya. Masingathandi udumo oluyize, sicunula, sifelane umona.
KwabaseGalathiya 5:22-26 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kepha izithelo zikaMoya ziluthando, ukujabula, ukuthula, ukubekezela, ububele, ukulunga, ukukholwa, ubumnene, nokuzithiba. Akukho mthetho ongamelana nalezi zinto. Kepha abakaKhristu bayibethele imvelo eyonakeleyo nokuhuheka nezinkanuko zayo. Uma siphila ngoMoya, masenze futhi okuhambisana noMoya. Masingaziqhenyi, siqalane, noma sibe nomhawu omunye ngomunye.
KwabaseGalathiya 5:22-26 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kepha izithelo zikaMoya ziluthando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nokukholeka, nobumnene, nokuzithiba. Akukho mthetho omelana nokunjalo. Kepha abakaKristu Jesu babethele esiphambanweni inyama kanye nokuhuheka nezinkanuko. Uma siphila ngoMoya, masihambe futhi ngoMoya. Masingafuni udumo oluze, siqalana, sifelane umhawu.
KwabaseGalathiya 5:22-26 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)