U-Esteri 9:28
U-Esteri 9:28 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
zikhunjulwe lezo zinsuku, zigcinwe ezizukulwaneni ngezizukulwane, emindenini ngemindeni, ezifundeni ngezifunda, emizini ngemizi, lezo zinsuku zePhurimi, zingaphuthi phakathi kwabaJuda, nesikhumbuzo sazo singapheli enzalweni yabo.
U-Esteri 9:28 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Lezo zinsuku kufanele zikhunjulwe futhi zigcinwe yizizukulwane ngezizukulwane kuyo yonke imindeni, izifundazwe nemizi. Izinsuku zePhurimi akumele zephulwe phakathi kwabaJuda, nokukhunjulwa kwazo kungapheli phakathi kwezizukulwane zabo.
U-Esteri 9:28 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
nokuthi lezi zinsuku kufanele zikhunjulwe futhi zigcinwe yizo zonke izizukulwane ngezizukulwane, nezifunda ngezifunda nawo wonke umuzi; nokuthi lezi zinsuku zePhurimi zingashabalali phakathi kwamaJuda, futhi inkumbulo yazo ingashabalali enzalweni yawo.