U-Esteri 9:16-19
U-Esteri 9:16-19 IsiZulu 2020 (ZUL20)
AbaJuda ababehlala ezifundazweni zenkosi bahlangana, bazivikela, bakhululeka ezitheni zabo, babulala amadoda ayizi-75 000, kodwa abathatha mpango. Zonke lezo zinto zenzeka mhla zilishumi nantathu, ngenyanga u-Adari, namhla zilishumi nane, babe sebephumula. Lolo suku balwenza lwaba wusuku lwedili nenjabulo. Kepha abaJuda ababehlala eShushani bahlangana ngomhla zili-13, nangomhla zili-14, baphumula mhla zili-15, lolo suku balwenza usuku lwedili nentokozo. Yingakho abaJuda abahlala emizaneni engaphandle kwemizi, nalabo abahlala emizaneni, umhla ziyishumi nane ngenyanga u-Adari kuwusuku lwentokozo nedili, neholide abaphana ngalo izipho zokudla.
U-Esteri 9:16-19 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Abanye abaJuda ababe sezifundeni zenkosi babuthana, bamela ukuphila kwabo, baphumula ezitheni zabo, babulala abayizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa nanhlanu ababazondayo, kepha ababekanga izandla zabo empangweni. Lokho kwakungosuku lweshumi nantathu lwenyanga ka-Adari; ngosuku lweshumi nane lwayo baphumula, balwenza lwaba lusuku lwedili nolokuthokoza. Kepha abaJuda ababe seShushani babuthana ngolweshumi nantathu lwayo nangolweshumi nane lwayo; ngolweshumi nanhlanu lwayo baphumula, balwenza lwaba lusuku lwedili nolokuthokoza. Ngalokho abaJuda basemaphandleni ababehlezi emizaneni engabiyelwe benza usuku lweshumi nane lwenyanga ka-Adari lube ngolokuthokoza nolwedili nosuku oluhle nolokuthumelana izipho omunye komunye.
U-Esteri 9:16-19 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kodwa abanye abaJuda ababesezifundeni zenkosi babuthana, bamela ukuphila kwabo, baphumula ezitheni zabo, babulala ezitheni zabo eziyizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa nanhlanu, kepha ababambanga izandla zabo empangweni. Ngosuku lweshumi nantathu lwenyanga ka-Adari; ngosuku lweshumi nane lwaso baphumula, balwenza lwaba usuku lwedili nolokuthokoza. Kepha abaJuda ababeseShushani babuthana ngolweshumi nantathu nangolweshumi nane; ngosuku lweshumi nanhlanu lwaso baphumula, balwenza lwaba usuku lwedili nolokuthokoza. Ngakho abaJuda bemizi ababehlala emizini engabiyelweyo benza usuku lweshumi nane lwenyanga ka-Adari lube usuku lwenjabulo nolwedili nosuku oluhle, nolokuthumelelana izabelo.