Kwabase-Efesu 2:13-17
Kwabase-Efesu 2:13-17 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kepha manje kuKristu Jesu nina enanikade nikude nisondele ngegazi likaKristu. Ngokuba yena ungukuthula kwethu, owenza kokubili kwaba-nye, wadiliza ugange oluphakathi oluhlukanisayo; Echithile ubutha enyameni yakhe, umthetho wemiyalo osezimisweni; ukuze enze kuye ngababili umuntu munye omusha, enze ukuthula; lokuthi enze ukuthi bobabili babuyisane loNkulunkulu emzimbeni munye ngesiphambano, esebulele ubutha ngaso; Weza washumayela ivangeli lokuthula kinina enanikude, nakubo abaseduze.
Kwabase-Efesu 2:13-17 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kepha manje kuKhristu uJesu, nina enanikade nikude, senenziwe nabaseduze ngegazi likaKhristu. Yena ungukuthula kwethu, owenza okubili kwaba kunye, wabhidliza udonga olwehlukanisayo olungubutha enyameni yakhe. Waqeda umthetho, imiyalo nezimiso, ukuze adale kuYena labo ababili, bahlangane babe muntu munye omusha, enze ukuthula. Wenza ngesiphambano ukubuyisana kwababili kuNkulunkulu emzimbeni munye, wabuqeda ubutha ngaso. Weza washumayela ivangeli lokuthula kini enanikude, yebo, ukuthula nakubo abaseduze.
Kwabase-Efesu 2:13-17 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kepha manje kuKristu Jesu nina enanikade nikude senenziwe abaseduze ngegazi likaKristu. Ngokuba yena ungukuthula kwethu, owenza kokubili kwaba kunye, nowabhidliza udonga olwahlukanisayo olungubutha, ngenyama yakhe ewenzile ize umthetho wemiyalo esezimisweni ukuba adale kuyena labo ababili babe muntu munye omusha, enze ukuthula, enze futhi ukuba bobabili babuyisane noNkulunkulu emzimbeni munye ngesiphambano, esebulele ubutha ngakho. Weza washumayela ivangeli lokuthula kinina enanikude, yebo, ukuthula nakubo abaseduze.
Kwabase-Efesu 2:13-17 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)