UDaniyeli 3:23-25
UDaniyeli 3:23-25 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kepha lawa madoda amathathu; oShadirakhi, noMeshakhi, no-Abhedi Nego, awela phansi eboshiwe phakathi esithandweni somlilo ovuthayo. Khona uNebukhadinezari, inkosi wethuka, wasuka ngokushesha wakhuluma kwabomkhandlu wakhe, wathi: “Angithi siphonse amadoda amathathu eboshiwe phakathi komlilo na?” Baphendula, bathi enkosini: “Uqinisile, nkosi.” Yaphendula yathi: “Bhekani, ngibona amadoda amane akhululekileyo ehamba phakathi komlilo, awafanga; eyesine ibonakala ifana nendodana yonkulunkulu.”
UDaniyeli 3:23-25 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kepha lawa madoda amathathu, oShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego, awela phansi eboshiwe phakathi nesithando somlilo ovuthayo. Khona uNebukadinesari inkosi wethuka, wasuka wakhuluma, wathi kwabomkhandlu wakhe: “Angithi siphonse amadoda amathathu eboshiwe phakathi komlilo na?” Baphendula, bathi enkosini: “Uqinisile, nkosi.” Yaphendula yathi: “Bhekani, ngibona amadoda amane akhululekileyo ehamba phakathi komlilo, awachithwanga; ukubonakala kweyesine kunjengendodana yawonkulunkulu.”
UDaniyeli 3:23-25 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Lawa madoda amathathu, oShadiraki, noMeshaki, no-Abhedinego, awela eboshwe izandla phakathi kwesithando somlilo ovuthayo. Khona-ke inkosi uNebukadinesari yamangala, yasukuma ngokushesha, yathi kubaphathi bayo: “Asiphonsanga yini amadoda amathathu eboshwe izandla emlilweni na? Baphendula, bathi enkosini: Kuyiqiniso, nkosi! Waphendula wathi: “Bheka, ngibona amadoda amane ehamba phakathi komlilo, awalimalanga; nesimo sesine sinjengeNdodana kaNkulunkulu.