UDaniyeli 3:23-25

UDaniyeli 3:23-25 CZB24

Lawa madoda amathathu, oShadiraki, noMeshaki, no-Abhedinego, awela eboshwe izandla phakathi kwesithando somlilo ovuthayo. Khona-ke inkosi uNebukadinesari yamangala, yasukuma ngokushesha, yathi kubaphathi bayo: “Asiphonsanga yini amadoda amathathu eboshwe izandla emlilweni na? Baphendula, bathi enkosini: Kuyiqiniso, nkosi! Waphendula wathi: “Bheka, ngibona amadoda amane ehamba phakathi komlilo, awalimalanga; nesimo sesine sinjengeNdodana kaNkulunkulu.