2 iziKronike 17:7-19
2 iziKronike 17:7-19 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngonyaka wesithathu wokubusa kwakhe, wathumela izikhulu zakhe uBheni Hayili, u-Obhadiya, uZakhariya, uNethaneli noMikhaya ukuba ziyofundisa emizini yakwaJuda, zinabaLevi: uShemaya, uNethaniya, uZebadiya, u-Asaheli, uShemiramothi, uJehonathani, u-Adoniya, uThobiya noThobi Adoniya. Ababenalaba baLevi kwakungo-Elishama noJehoramu, abaphristi. Bafundisa kwaJuda bephethe incwadi yomthetho kaSimakade, bajikeleza kuyo yonke imizi yakwaJuda, befundisa abantu. Yonke imibuso yamazwe azungeze elakwaJuda jikelele yehlelwa yingebhe ngoSimakade, ayizange ilwe noJehoshafathi. Abanye bamaFilisti baletha izipho kuJehoshafathi, nesiliva elaliyintela. Nabase-Arabhiya baletha kuye imihlambi, izinqama eziyizi-7 700, nezimpongo eziyizi-7 700. UJehoshafathi waya ngokuya edlondlobala; wakha izinqaba nemizi eyizinqolobane kwaJuda. Wayenokuningi emizini yakwaJuda, amadoda empi, namaqhawe anamandla, eJerusalema. Babemi kanje ngokwezindlu zoyise: kwaJuda, abakhuzi bempi bezinkulungwane: u-Adina umkhuzi wempi, enamaqhawe anamandla ayizi-300 000. Emva kwakhe kunguJehohanani umkhuzi wempi, enezi-280 000. Wayelandelwa ngu-Amasiya, indodana kaZikhiri, owazinikela ngenhliziyo epheleleyo kuSimakade, enamaqhawe anamandla ayizi-200 000. KwaBhenjamini, kungu-Eliyada, iqhawe elinamandla, enabahlome ngeminsalo nangezihlangu abayizi-200 000. Emva kwakhe kunguJehozabhadi, enamabutho ahlomele ukulwa ayizi-180 000. Yilaba-ke ababekhonza inkosi, ngaphandle kwalabo inkosi eyayibabeke emizini ebiyelweyo eyayikulo lonke elakwaJuda.
2 iziKronike 17:7-19 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngomnyaka wesithathu wokubusa kwakhe wathuma izikhulu zakhe oBeni Hayili, no-Obadiya, noZakariya, noNethaneli, noMikhaya ukuba zifundise emizini yakwaJuda, zinamaLevi oShemaya, noNethaniya, noZebadiya, no-Asaheli, noShemiramoti, noJehonathani, no-Adoniya, noThobiya, noThobi Adoniya, amaLevi, beno-Elishama noJehoramu, abapristi. Base befundisa kwaJuda benencwadi yomthetho kaJehova; bazungeza baya emizini yonke yakwaJuda, bafundisa phakathi kwabantu. Kwehlela ingebhe ngoJehova phezu kwayo yonke imibuso yamazwe eyayinxazonke zakwaJuda, ayilwanga noJehoshafati. AmaFilisti athile aletha izipho kuJehoshafati, nesiliva lentela; nabase-Arabiya baletha kuye imihlambi, izinqama eziyizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu ayisikhombisa nezimpongo eziyizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu ayisikhombisa. UJehoshafati wayelokhu ekhula njalo, waze waba mkhulu kakhulu; wakha izinqaba nemizi yokubekelela kwaJuda. Wayenemisebenzi eminingi emizini yakwaJuda kanye namadoda empi, amaqhawe anamandla, eJerusalema. Nakhu ukubalwa kwabo njengezindlu zawoyise: kwaJuda: izinduna zezinkulungwane: ngu-Adina induna, enamaqhawe anamandla ayizinkulungwane ezingamakhulu amathathu; emva kwakhe kwakunguJehohanani induna, enezinkulungwane ezingamakhulu amabili namashumi ayisihiyagalombili; emva kwakhe kwakungu-Amasiya indodana kaZikiri, owazinikela ngenhliziyo kuJehova, enamaqhawe anamandla ayizinkulungwane ezingamakhulu amabili; kwaBenjamini: ngu-Eliyada, iqhawe elinamandla, enabahlome iminsalo nezihlangu abayizinkulungwane ezingamakhulu amabili; emva kwakhe kwakunguJehozabadi, enabahlomele impi abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili. Yilabo ababekhonza inkosi ngaphandle kwalabo inkosi eyababeka emizini ebiyelweyo kulo lonke lakwaJuda.
2 iziKronike 17:7-19 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngomnyaka wesithathu wokubusa kwakhe wathumela ezikhulwini zakhe, oBeni-hayili, no-Obadiya, noZakariya, noNethaneli, noMikaya, ukufundisa emizini yakwaJuda. Wathuma kanye nabo amaLevi, oShemaya, noNethaniya, noZebadiya, no-Asaheli, noShemiramoti, noJonathani, no-Adoniya, noThobiya, noThobadoniya, amaLevi; kanye nabo o-Elishama noJoramu, abapristi. Bafundisa kwaJuda, benencwadi yomthetho kaJehova, badabula imizi yakwaJuda, bafundisa abantu. Ukwesaba uJehova kwehlela yonke imibuso yamazwe ahanqe uJuda, kangangokuthi ayizange ilwe noJehoshafati. Nabanye bamaFilisti baletha izipho nemali yentela kuJehoshafati; ama-Arabhu aletha kuye imihlambi, izinqama eziyizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu ayisikhombisa nezimbuzi eziyizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu ayisikhombisa. UJehoshafati waba mkhulu kakhulu; wakha izinqaba nemizi yengcebo kwaJuda. Wayenezindaba eziningi emizini yakwaJuda, namadoda empi, amaqhawe anamandla, eJerusalema. Lezi ziyizibalo zabo ngokwezindlu zoyise: kwaJuda: izikhulu phezu kwenkulungwane; u-Adna inhloko, kanye naye amaqhawe anamandla ayizinkulungwane ezingamakhulu amathathu. Eceleni kwakhe kwakunguJohanani inhloko, kanye naye izinkulungwane ezingamakhulu amabili namashumi ayisishiyagalombili. Eceleni kwakhe kwakungu-Amasiya indodana kaSigri, owazinikela ngokuzithandela kuJehova; kanye naye amaqhawe anamandla ayizinkulungwane ezingamakhulu amabili. LakwaBenjamini; u-Elijada, iqhawe elinamandla, kanye naye abahlome iminsalo nesihlangu abayizinkulungwane ezingamakhulu amabili. Eceleni kwakhe kwakukhona uJozabadi, futhi kanye naye abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili abahlomele impi. Bakhonza inkosi, ngaphandle kwalabo inkosi eyayibabekile emizini ebiyelweyo kulo lonke elakwaJuda.