2 iziKronike 17

17
UJehoshafati uyinkosi kwaJuda. Amandla akhe
1 UJehoshafati indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe, waziqinisa ukulwa no-Israyeli. 2Wabeka amabutho emizini yonke ebiyelweyo yakwaJuda, wabeka amakhanda ezweni lakwaJuda, nasemizini yakwa-Efrayimi u-Asa uyise ayithathileyo.
3UJehova wayenaye uJehoshafati, ngokuba wahamba ngezindlela zokuqala zikayise uDavide, akafunanga oBali, 4kepha wafuna uNkulunkulu kayise, wahamba ngemiyalo yakhe, kungengakwenza kuka-Israyeli. 5 Ngalokho uJehova wawuqinisa umbuso esandleni sakhe; wonke uJuda wathela intela kuJehoshafati, wayenengcebo nodumo olukhulu. 6Inhliziyo yakhe yaphakanyiswa ezindleleni zikaJehova; futhi wasusa izindawo eziphakemeyo nawo-Ashera* kwaJuda.
7Ngomnyaka wesithathu wokubusa kwakhe wathuma izikhulu zakhe oBeni Hayili, no-Obadiya, noZakariya, noNethaneli, noMikhaya ukuba zifundise emizini yakwaJuda, 8zinamaLevi oShemaya, noNethaniya, noZebadiya, no-Asaheli, noShemiramoti, noJehonathani, no-Adoniya, noThobiya, noThobi Adoniya, amaLevi, beno-Elishama noJehoramu, abapristi. 9Base befundisa kwaJuda benencwadi yomthetho kaJehova; bazungeza baya emizini yonke yakwaJuda, bafundisa phakathi kwabantu.
10Kwehlela ingebhe ngoJehova phezu kwayo yonke imibuso yamazwe eyayinxazonke zakwaJuda, ayilwanga noJehoshafati. 11AmaFilisti athile aletha izipho kuJehoshafati, nesiliva lentela; nabase-Arabiya baletha kuye imihlambi, izinqama eziyizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu ayisikhombisa nezimpongo eziyizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu ayisikhombisa.
12UJehoshafati wayelokhu ekhula njalo, waze waba mkhulu kakhulu; wakha izinqaba nemizi yokubekelela kwaJuda. 13Wayenemisebenzi eminingi emizini yakwaJuda kanye namadoda empi, amaqhawe anamandla, eJerusalema. 14Nakhu ukubalwa kwabo njengezindlu zawoyise: kwaJuda: izinduna zezinkulungwane: ngu-Adina induna, enamaqhawe anamandla ayizinkulungwane ezingamakhulu amathathu; 15emva kwakhe kwakunguJehohanani induna, enezinkulungwane ezingamakhulu amabili namashumi ayisihiyagalombili; 16emva kwakhe kwakungu-Amasiya indodana kaZikiri, owazinikela ngenhliziyo kuJehova, enamaqhawe anamandla ayizinkulungwane ezingamakhulu amabili; 17kwaBenjamini: ngu-Eliyada, iqhawe elinamandla, enabahlome iminsalo nezihlangu abayizinkulungwane ezingamakhulu amabili; 18emva kwakhe kwakunguJehozabadi, enabahlomele impi abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili. 19Yilabo ababekhonza inkosi ngaphandle kwalabo inkosi eyababeka emizini ebiyelweyo kulo lonke lakwaJuda.

Okuqokiwe okwamanje:

2 iziKronike 17: ZUL59

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo