KwabaseRoma 8:9-18

KwabaseRoma 8:9-18 CZB24

Kepha nina anisenyameni, kodwa nikuMoya, uma uMoya kaNkulunkulu ehlala kini. Kepha uma umuntu engenaye uMoya kaKristu, lowo kasiye owakhe. Uma uKristu ekini, umzimba ufile ngenxa yesono; kodwa uMoya ungukuphila ngenxa yokulunga. Kepha uma uMoya walowo owavusa uJesu kwabafileyo ehlala kini, yena owavusa uKristu kwabafileyo uyakuphilisa nemizimba yenu efayo ngoMoya wakhe ohlala kini. Ngakho-ke, bazalwane, sinecala, kungeyisikho kuyo inyama, ukuze siphile ngokwenyama. Ngokuba uma niphila ngokwenyama, nizakufa; kepha uma nibulala imisebenzi yomzimba ngoMoya, nizakuphila. Ngokuba bonke abaholwa nguMoya kaNkulunkulu bangabantwana bakaNkulunkulu. Ngokuba anamukeliswanga umoya wobugqila ukuba nibuye nesabe; kodwa namukele uMoya wobuntwana, esimemeza ngaye sithi: Aba, Baba. UMoya uqobo ufakaza kanye nomoya wethu ukuthi singabantwana bakaNkulunkulu; Njalo uba singabantwana, siyizindlalifa; izindlalifa zikaNkulunkulu, lezindlalifa kanye loKristu; uma kambe sihlupheka kanye naye, ukuze siphiwe inkazimulo futhi kanye naye. Ngokuba ngithi izinhlupheko zalesi sikhathi azinakulinganiswa nenkazimulo ezakwambulwa kithi.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KwabaseRoma 8:9-18