KwabaseRoma 10:13-15
KwabaseRoma 10:13-15 CZB24
Ngokuba yilowo nalowo obiza igama leNkosi uyakusindiswa. Pho-ke bayakukhuleka kanjani kuye abangakholwanga kuye na? bayakukholwa kanjani kuye abangezwanga ngaye na? bayakuzwa kanjani kungekho mshumayeli na? Bayakushumayela kanjani, uma bengathunywa na? njengokulotshiweyo ukuthi: “Yeka, zinhle izinyawo zabashumayela ivangeli lokuthula, nabaletha ivangeli lezinto ezinhle!







