SCHIN. Izikhulu zingizingele ngaphandle kwesizathu, kepha inhliziyo yami iyesaba izwi lakho. Ngiyathokoza ngezwi lakho njengozuza impango enkulu. Amanga ngiyawazonda, ngiyawenyanya, kepha umthetho wakho ngiyawuthanda. Kasikhombisa ngosuku ngiyakudumisa ngezahlulelo zakho zokulunga. Abathanda umthetho wakho banokuthula okukhulu, kakukho okubakhubekisayo. Jehova, ngiyethemba insindiso yakho, ngenza imiyalo yakho. Umphefumulo wami uyagcina ubufakazi bakho; futhi ngibathanda kakhulu. Ngiyayigcina imiyalo yakho nobufakazi bakho, ngokuba zonke izindlela zami ziphambi kwakho. TAU. Ukukhalela kwami usizo makusondele phambi kobuso bakho, Jehova; ngiqondise ngokwezwi lakho. Ukuncenga kwami makuze phambi kobuso bakho; ngisindise ngokwezwi lakho. Izindebe zami ziyakukhuluma indumiso lapho ungifundisa izimiso zakho. Ulimi lwami luyakukhuluma izwi lakho, ngokuba yonke imiyalo yakho ilungile. Isandla sakho masingisize; ngoba ngikhethile iziyalezo zakho. Ngilangazelela insindiso yakho, Jehova; nomthetho wakho uyintokozo yami. Umphefumulo wami mawuphile, ukudumise; futhi izahlulelo zakho mazingisize. Ngidukile njengemvu elahlekile; funa inceku yakho; ngoba kangiyikhohlwa imithetho yakho.
Funda Amahubo 119
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Amahubo 119:161-176
5 Days
In what ways has the Bible changed your life? When life hits us hard, we find direction and solace in Scripture. But what if the Bible was not in your language? That’s the reality for 1 billion people today. Join this 5-day plan where you can partner your Scripture reading with simple and effective ways to pray for people without the Bible.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo