Izaga zikaSolomoni 26:1-12

Izaga zikaSolomoni 26:1-12 CZB24

Njengeqhwa ehlobo, njengemvula ngesikhathi sokuvuna, kanjalo udumo alufanele isiwula. Njengenyoni ezulazulayo, njengenkonjane indiza, kanjalo isiqalekiso asiyikufika ngaphandle kwesizathu. Isiswebhu ngehhashi, netomu ngembongolo, nodondolo ngemhlane wesiwula. Ungasiphenduli isiwula njengobuwula baso, funa ufane naso. Phendula isiwula njengobuwula baso, funa sihlakaniphe emehlweni aso. Othumela izwi ngesandla sesiwula unquma izinyawo zakhe, anathe okubi. Imilenze yokukhubazeka ayilingani; unjalo umfanekiso emlonyeni weziwula. Njengobophela itshe endwayimaneni, unjalo odumisa isiwula. Njengeva elikhuphuka esandleni sesidakwa, unjalo umfanekiso emlonyeni weziwula. UNkulunkulu omkhulu owenza zonke izinto uyabavuza abayiziwula kanye nabaphambukayo. Njengenja ibuyela ebuhlanzweni bayo, isiwula sibuyela ebuwula baso. Uyambona umuntu ohlakaniphileyo emehlweni akhe na? kukhona ithemba ngesiwula kunaso.