KwabaseFilipi 4:14-23

KwabaseFilipi 4:14-23 CZB24

Nokho nenze kahle ngokuhlanganyela nami osizini lwami. Nani-ke nina baseFilipi niyazi ukuthi ekuqaleni kwevangeli, ekusukeni kwami eMakedoniya, akukho bandla elahlanganyela nami endabeni yokupha nokwamukela, kuphela nina nodwa. Ngokuba naseThesalonika nathumela kanye nakabili ekusweleni kwami. Kungesikho ukuthi ngifuna ukuphiwa, kodwa ngifuna isithelo esingavama esibalweni senu. Kepha nginakho konke, ngiyachichima, sengamukele ku-Ephafrodithu izinto ezavela kini, iphunga elimnandi, nomhlatshelo owamukelekayo, othokozisayo kuNkulunkulu. Kodwa uNkulunkulu wami uzakugcwalisa ukuswela konke kwenu njengokwengcebo yakhe enkazimulweni kuKristu Jesu. Makube kuNkulunkulu uBaba wethu inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen. Khonzani kubo bonke abangcwele abakuKristu Jesu. Abazalwane abanami bayakhonza kini. Bayakhonza kini bonke abangcwele, ikakhulu abendlu kaKesari. Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani nonke. Amen. (KwabaseFiliphi ilotshwa nguEphafrodithu eseRoma.)