KwabaseFilipi 4:1-7

KwabaseFilipi 4:1-7 CZB24

Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo nabalangazelelwayo, intokozo yami nomqhele wami, yimani niqinile kanjalo eNkosini, bathandwa bami. Ngiyamncenga u-Evodiya noSintike ukuba babe nhliziyonye eNkosini. Ngiyakuncenga-ke nawe sithandwa sami esiqotho, ukuthi usize labo besifazane abashikashikeka kanye nami evangelini, kanye noKlemente, nezinye izisebenzi kanye nami, abamagama abo asencwadini yokuphila. Jabulani eNkosini njalonjalo; ngiyaphinda ngithi: Jabulani. Ukulinganisela kwenu makwaziwe yibo bonke abantu. INkosi iseduze. Ningakhathazeki ngalutho; kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga. Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu.