KwabaseFilipi 1:20-21

KwabaseFilipi 1:20-21 CZB24

Njengokulangazelela kwami nethemba lami, ukuthi angiyikuba namahloni ngalutho, kodwa ukuthi ngaso sonke isibindi, njengalokhu kwenzeka njalo, kanjalo namanje uKristu uyakuphakanyiswa emzimbeni wami, noma kungokuphila noma ngokufa. Ngoba kimi ukuphila kunguKristu, futhi ukufa kuyinzuzo.