KwabaseFilipi 1:1-11

KwabaseFilipi 1:1-11 CZB24

UPawulu noThimothewu, izinceku zikaJesu Kristu, kubo bonke abangcwele abakuKristu Jesu abaseFilipi, kanye nababonisi namadiyakoni; Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu. Ngiyambonga uNkulunkulu wami kukho konke ukunikhumbula; njalo kukho konke ekukhulekeleni kwami ngenxa yenu lonke ngininxusela ngentokozo; Ngenxa yokuhlanganyela kwenu evangelini kusukela osukwini lokuqala kuze kube manje; nginethemba lalokho ukuthi owaqala umsebenzi omuhle kinina uyakuwufeza kuze kube lusuku lukaJesu Kristu; njengokuba kufanele ukuba ngikucabangele lokhu nonke, ngokuba nginenu enhliziyweni yami; njengoba naseziboshweni zami, nasekuvikeleni nasekuqiniseni ivangeli, nina nonke ningabahlanganyeli bomusa wami. Ngoba uNkulunkulu ungumfakazi wami wokuthi ngililangazelela kangakanani lonke ngenhliziyo kaJesu Kristu. Nalokhu ngiyakhuleka ukuba uthando lwenu luvame kakhulu ekwazini nasekuqondeni konke; ukuze nivume izinto ezinhle kakhulu; ukuze nibe msulwa, ningabi nacala, kuze kufike usuku lukaKristu; nigcwaliswe ngezithelo zokulunga ezingoJesu Kristu, kube yinkazimulo nodumo kuNkulunkulu.