Mathewu 7:7-13
Mathewu 7:7-13 CZB24
Celani, lizaphiwa; funani, niyakufumana; ngqongqothani, niyakuvulelwa; Ngokuba yilowo nalowo ocelayo uyaphiwa; nalowo ofunayo uyathola; lalowo oqoqodayo uzavulelwa. Noma ngumuphi umuntu kini ongathi, uma indodana yakhe icela isinkwa, ayinike itshe na? Noma icela inhlanzi, ayinike inyoka na? Ngakho-ke uma nina enibabi nikwazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu kangakanani uYihlo osezulwini uzakubapha okuhle abacela kuye na? Ngakho-ke zonke izinto enifuna ukuba abantu bakwenze kini, kwenzeni nani kanjalo kubo, ngokuba lokhu kungumthetho nabaprofethi. Ngenani ngesango elincane, ngokuba libanzi isango, nendlela ibanzi eyisa ekubhujisweni, baningi abangena ngayo









