Mathewu 21:12-17

Mathewu 21:12-17 CZB24

UJesu wangena ethempelini likaNkulunkulu, waxosha bonke ababethengisa nababethenga ethempelini, wagumbuqela amatafula abashintshela imali nezihlalo zabathengisa ngamajuba. Wasesithi kubo: Kulotshiwe ukuthi: Indlu yami izabizwa ngokuthi yindlu yokukhuleka; kepha nina niyenze umhume wabaphangi. Kwase kufika kuye izimpumputhe nezinyonga ethempelini; wasebasilisa. Kwathi abapristi abakhulu nababhali bebona izimangaliso azenzayo, nabantwana bememeza ethempelini, bethi: “Hosana kuyo iNdodana kaDavide! babethukuthele kakhulu, Bathi kuye: “Uyakuzwa lokhu abakushoyo laba na? UJesu wathi kubo: Yebo; anikaze nifunde ukuthi: Emlonyeni wezingane nabasancela uphelelisile ukudumisa na? Wabashiya, waphuma emzini, waya eBethaniya; walala khona.