Mathewu 14:1-12

Mathewu 14:1-12 CZB24

Ngalesosikhathi uHerodi umtetrarki wezwa indumela kaJesu. Wasesithi ezincekwini zakhe: Lo nguJohane uMbhabhathizi; uvukile kwabafileyo; ngakho-ke imisebenzi yamandla iyabonakala kuye. Ngokuba uHerode wayembambile uJohane, wambopha, wamfaka etilongweni ngenxa kaHerodiya umkaFiliphu umfowabo. Ngokuba uJohane wathi kuye: “Awuvunyelwe ukuba ube naye. Kwathi esefuna ukumbulala, wesaba isixuku, ngokuba babethi ungumprofethi. Kwathi sekugujwa usuku lokuzalwa kukaHerodi, indodakazi kaHerodiya yasina phambi kwabo, yamthokozisa uHerodi. Wasethembisa ngesifungo ukuyinika loba yini engayikucela. Yayisiyaliwe ngunina yathi: Nginike lapha ngoqwembe ikhanda likaJohane uMbhapathizi. Inkosi yadabuka, nokho ngenxa yesifungo nangalabo ababehlezi nayo ekudleni yayala ukuba inikwe. Wasethuma wamquma uJohane ikhanda entolongweni. Ikhanda lakhe lalethwa ngoqwembe, lanikwa intombazana, yaliyisa kunina. Kwafika abafundi bakhe, basithatha isidumbu, basimbela; bahamba babikela uJesu.