Mathewu 13:53-58
Mathewu 13:53-58 CZB24
Kwathi uJesu eseyiqedile le mifanekiso, wamuka lapho. Esefikile ezweni lakubo wabafundisa esinagogeni labo, baze bamangala bathi: “Lo ukuthathephi lokhu kuhlakanipha nalawa mandla na? Lo akasiyo yini indodana yombazi na? Unina akabizwa ngokuthi uMariya na? nabafowabo oJakobe, noJose, noSimoni, noJuda? Odadewabo abakho yini bonke kithi na? Pho, lo ukuthathaphi konke lokhu na? Basebekhubeka ngaye. Kepha uJesu wathi kubo: “Umprofethi kadelelwa, kuphela ezweni lakubo nasendlini yakubo. Njalo akenzanga lapho imisebenzi yamandla eminengi ngenxa yokungakholwa kwabo.

